AKAYIBONI into engugcobho endleleni abashintshanisa ngayo ngabadlali umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, yize lokhu kungabalwa ezintweni ezigcina zibakholisa ngezagila.
Izinkumbi zabalandeli bePirates zizobe zilindele ukuthi iqhubeke nomgqigqo emidlalweni yezinkomishi ngaphansi kukaRiveiro, uma isibhekene neStellenbosch ngo-3 ntambama, emlenzeni wesibili we-semifinal yeMTN8 e-Orlando Stadium, eSoweto.
URiveiro akayazi induku emidlalweni yomkhumulajezi eNingizimu Afrika kangangoba unqobe iMTN8 neNedbank Cup ngesizini yokuqala kuleli.
Ngeshwa, inhlanhla yakhe ibukeka ingafuni ukudlulela emidlalweni yeDStv Premiership, neCaf Champions League.
Emidlalweni emibili yakamuva, wehlulwe yiJwaneng Galaxy yaseBotswana ngo 1-0 koweChampions League, ngoLwesithathu wabhulwa ngo 1-0 yiMamelodi Sundowns kowePremiership.
Okugqamile kule midlalo, cishe nakweminye ngaphambi kwekhefu leFifa, yizinguquko kangangoba umdlalo, nomdlalo usuke enabadlali okungenani abathathu abebengekho kwemibili eyedlule.
Lapha kukhulunywa ngabaqala umdlalo, nabaqala ebhetshini.
Nokho ubona ngenye indlela njengoba ethe: “Uma ngingabuza omunye umuntu ngabadlali abangu-11, okufanele baqale kwi-Orlando Pirates, ngeke sehluke kakhulu kunalaba (aqale ngabo ngoLwesithathu),” kusho uRiveiro.
“Sihlela imidlalo ngokwazi ukuthi sidlala imiqhudelwano eminingi. Umsebenzi wethu (njengabaqeqeshi) akusikho nje, ukuqoka abadlali abangu-11 kodwa ubanzi.
“Isizini yinde, abadlali babamba umgqigqo ngezindlela ezingefani kanti kwesinye isikhathi kuba khona nokugula (kubadlali njengabantu). Okumqoka wukuthi bonke abadlali esidlala ngabo ngabasemabhukwini e-Orlando Pirates, akekho ovela ngaphandle.
“Sidlala imidlalo eminingi. Ngempelasonto besiseBotswana, kwiJwaneng, ngoLwesithathu besikwiSundowns kanti ngeSonto sineStellenbosch. Ngaleyo ndlela, kufanele wenze icebo elikhaliphile lokuhlela abadlali bakho.”
URiveiro uchithwa eyokudidwa yinkindlane yethalente kweZimnyama
URiveiro ukuphike wama ngentaba ukuthi kubukeka sengathi badidiswa yinkindlane yethelante abanayo emabhukwini ePirates.
“Ngicabanga ukuthi kwesinye isikhathi siyawenza amaphutha njengabo bonke abantu eligini. Akusikho ukuthi sididwa yinkindlane yethalente esinayo kwiPirates,” kusho uRiveiro.
Ukuhamba kukaMthethwa kwiStellenbosch
KwiStellenbosch babhekene neqembu eliphazamisekile kancane emuva kokuthi iKaizer Chiefs ihlwithe ugandaganda wayo, uSibongiseni Mthethwa.
“Siyamazi uMthethwa namagalelo akhe ngokunjalo kodwa akukho okuzoshintsha (endleleni esibahlelela ngayo) ngoba ukuhamba kwakhe kushiya isikhala somunye, engingangabazi ukuthi uzokwenza konke okusemandleni ukukhombisa ukuthi le ndawo isifanele yena. Sizobe sidlala nabadlali abangu-11 enkundleni. Akukho okuhlukile,” kusho uRiveiro.