UMDLALI osemncane we-Orlando Pirates, uRelebohile Mofokeng, usengafike enze into ebonakalayo eqenjini lesizwe uma engathola ithuba.
Lona umbono womqeqeshi wezakhe, eZimnyama, uJose Riveiro, ngemuva kokubuzwa ukuthi ngabe ubona lo mdlalo esekulungele ukufakwa kwiBafana Bafana kaHugo Broos.
UMofokeng (19) ukhushulelwe eqenjini elikhulu leZimnyama ngasekupheleni kwesizini edlule kulandela ukugila kwakhe izimanga kwelidlala kwiDStv Diski Challenge. Ngaleso sikhathi wayesasebenzisa isibongo sikaRatomo.
Emidlalweni emithathu ayidlale kumaBhakabhaka ngesizini edlule ushaye igoli elilodwa, alithola emdlalweni wokugcina weligi bebhekene naMaZulu FC.
Kucace zibekwa kule sizini ukuthi useyilungu eligcwele leqembu elikhulu ngesikhathi uRiveiro emqalisa emidlalweni. Usedlale engu-14 emiqhudelwaneni ehlukene kanti nakuba engakashayi igoli kodwa ujwayele ukufaka isandla ekwakhiweni kwamagoli kwezikaMagebhula.
Indlela ajika ngayo naphasa ngayo isidonse ngisho namehlo amaqembu aphesheya, ikakhulukazi iWolverhampton Wanderers yase-England, emmemile ngo-Okthoba ukuthi azozilolonga nayo ukuze imhlole.
Nakuba engakaze abizwe eqenjini lesizwe, uRiveiro ukholelwa ekutheni usebonakalisile ukuthi kufanele abe yingxenye yabadlali uBroos abaqaphile njengoba ezoqoka iqembu elizoyibamba kwi-Africa Cup of Nations e-Ivory Coast ngenyanga ezayo.
“Ngicabanga ukuthi into abantu abangayingabaza ngoRele (Mofokeng) kungaba yiminyaka namava akhe. Uma enikwa ithuba uzokwazi ukukhombisa ukuthi kukhona angakwenzela iqembu lesizwe. Thina njengabaqeqeshi bakhe simbona engumdlali onekhono njengoba sengike ngasho kaningi,” kusho uRiveiro.
“Uyaliqonda ibhola nakuba kusamele athuthuke kwezinye izindawo. Usemncane futhi kusamele aqonde ezinye izinto ezihambisana nomdlalo njengoba ngike ngasho mayelana noKarim (Kimvuidi).
“Kwesinye isikhathi ithalente alanele ukugcwalisa zonke izinto ezidingekayo kulo mdlalo. Engikwaziyo wukuthi usebenza ngokuzikhandla. Nginesiqiniseko sokuthi mhla ethola ithuba ngeke aphoxe muntu ngoba ungumdlali osezingeni eliphezulu.”
Umqeqeshi weBafana Bafana, uBroos, ujwayele ukusebenzisa uBongokuhle Hlongwane noma uMihlali Mayambela kwesokunxele kodwa bobabili bebebukeka behlelwe yifomu emidlalweni yakamuva abayidlale eqenjini lesizwe.