CISHE kubo bonke abadlali okufanele batuse intuthuko yebhola labesifazane eNingizimu Afrika, isilomo sikanozinti weMamelodi Sundowns Ladies neBanyana Banyana, u-Andile Dlamini, kufanele sihambe phambili.
Le ntokazi edume ngelikaStix, kwabayazi kahle nalabo abayilandela eduze kunobhutshuzwayo, isanda kuhlafuna izindodla zemali kulandela ukuqokwa kwayo njengeSA Sports Star of the Year.
Lokhu kusho ukuthi iyisilomo esivelele kwezemidlalo kuleli okwedlula ngisho uThemba Zwane, noSiya Kolisi kule sizini ka-2022/2023.
UZwane ungumfowabo kaDlamini ngokomnyombo weSundowns, neBafana Bafana.
UKolisi yena usabuthwele ubungqwele njengokaputeni wamaBhokobhoko azowahola okwesibili kwiRugby World Cup, uma sebelwela ukuyivikela eFrance kulo nyaka.
Ngokudlala, usayibambe kwiCell C Sharks, yize ekupheleni kwenkontileka ezolibangisa eFrance. KwiBanyana uDlamini, ubanga ijezi noRegirl Ngobeni noKaylin Swart, abizwe nabo eqenjini leBanyana elizongcweka neSerbia ngomhlaka-10 ekuhambeni.
Sekungaba ngamashwa nokulimala kuphela okungavimba uDlamini ekutheni abe yisethenjwa sikanozinti weBanyana kwi-2023 Fifa Women’s World Cup ezodlalelwa e-Australia, naseNew Zealand kusuka ngoJulayi 20 kuya ku-Agasti 20.
Okwenze unozinti waqokwa njengesilomo esivelele izwe lonke, wukudlala yonke imidlalo esiza iBanyana inqoba i-2022 Caf Women’s Africa Cup of Nations eMorocco, ngoJulayi nokugila izimanga neSundowns.
Nguye obesezintini iSundowns idla isicoco seHollywoodbets Super League njengoba bekusenguye inqoba isicoco seCosafa kuhlungelwa iCaf Women’s Champions League.
Yilowo kuphela umqhudelwano angawunqobanga kwayidlale kule sizini ngoba bahlulwe kowanqamu ngembudlu.
Ukukleliswa le kude kweBanyana ezilinganisweni zeFederation of International Football Association, kukhomba ukuthi mancane amathuba okuthi uDlamini abale isicoco somhlaba emgodleni wemihlanganiso yakhe.
Kubi ngale ndlela yokuthi bangabokugcina eqoqweni abaqhathwe kulo elibophele ongqesta iSweden, Argentina ne-Italy kweyomhlaba.
Yize kunjalo kodwa isekhona into ethi, useqhulwini kubadlali abasetshenzelwe wukuchuma kwebhola labesifazane kuleli nase-Afrika yonkana. Le ntokazi ngezikhathi zokudlanga kweCovid-19 ike yaxineka kabi yisifo senhliziyo.