UMGADLI weRichards Bay, uSomila Ntsundwana, ujatshuliswa ukuthi bazobhekana neKaizer Chiefs benenkinga efanayo. La maqembu azotholana phezulu koweDStv Premieship ngeSonto, ngo-3 ntambama, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Isimo sibi kwiBay. Selokhu kuqale le sizini ilele isibili uma kusukwa emsileni. Inamaphuzu awu-17, emidlalweni ewu-23. Kulesi sibalo isanqobe emine kuphela, yadliwa kwewu-14. Indawo ekuyona iyibeka engcupheni yokudliwa yizembe uma kusongwa isizini ingasukile. Ukuhlala kunombolo-15 kukunikeza ithuba lokuyolwela ukuhlala kwiPremiership neqembu lesibili nelesithathu akuMotsepe Foundation Championship. Uma uhluleka lapho wehlela esigabeni esiphansi.
Kweyokugcina kusalokhu kwi-log yePremiership kuhleli iCape Town Spurs ngawu-12, esibalweni semidlalo efanayo.
Okunika iBay ithemba ukuthi izoya koweChiefs inokuzethemba njengoba kwegcine ukuwudlala ishaye iMoroka Swallows ngo 1-0.
UNtsundwana ukhuluma ngokugula okufanayo nje, nawo Amakhosi adonsa kanzima. Emidlalweni emine ilandelana, aseshaywe kathathu, adlala ngokulingana kowodwa. Kwagcine ukuwudlala athelwe phansi iChippa United ngo 2-0.
Asendaweni yesishiyagalombili, ngamaphuzu awu-30, emidlalweni ewu-23. Kubukeka ezothwala kanzima ekutheni aqede endaweni ehambisana nethikithi lemiqhudelwani yeCaf. Le miqhudelwano idlalwa amaqembu amathathu aqeda phezulu kwi-log. Uma iChiefs ingashintshi emidlalweni esele ingazithola iphuma nakwiTop 8.
Engxoxweni uNtsundwana abe nayo neSolezwe ubelokhu ekusho ephindelela ukuthi kabalubhadi ehlathini futhi kabayi nasemidlalweni yokuhlunga. Uxwayise iChiefs kuthi ingabazeli ngobuso.
"Sisenkingeni efanayo neChiefs. Okuhlukile ukuthi ingcindezi enkulu ikuyo. Abalandeli bayo balindele ukuthi kulokhu ithole amaphuzu amathathu. Nakithina ngesifanayo. Siyilindele ukuthi ize kithina ngakho konke. Ilapho-ke ezoqala khona ukuxhamazela, yenze amaphutha. Ngeke siyiyeke, sizoyijezisa. Nakuba ngingeke ngande, lo mdlalo siwuhlomele ngazo zonke izikhali," kubeka uNtsundwana, osashaye amagoli amabili emidlalweni ewu-20 yeligi.
Uthe kuyabakhuthaza ukuthi baya kwiChiefs benqobile kwabagcine kuwudlala.
"Ekhempini yethu kuvunguza umoya wobumbano nowokunqoba. Emdlalweni esigcine ukuwudlala sinqobile. Siphinde senza kahle nakweyobungani esiyidlalile. Kuningi okuhle okwenzekayo ekhempini esakhela phezu kwakho. Ngiyabathembisa abalandeli bethu ukuthi asiyi ehlathini. Singabadlali siyavumelana ngokuvikela isithunzi seqembu, esethu nesabalandeli.“
Uthe bayakubonga ukwesekwa abakuthola kubalandeli babo.
Nokho ukuvumile ukuthi bakhona abakhuluma amagama angehli kahle uma behlangana nabo.
"Angibasoli laba abasigxekayo, yiqembu labo leli, bayalithanda. Akusesona lesi isikhathi sokugxekana. Uxhaso lwabalandeli bethu siludinga kakhulu kunakuqala. Ngaphandle kwabo asilutho. Sicela baphume ngobuningi babo ngeSonto, eKing Zwelithini," kusho uNtsundwana.
Khonamanjalo: iSABC Sport isanda kubika ukuthi iBay imiswe yiFifa ukusayinisa abadlali ngenxa yokungakhokheli u-Ovella Ochieng waseKenya, ohlukane nayo ngesizini edlule.