UMQEQESHI weqembu lesizwe lebhola labesifazane, uDesiree Ellis, uthi nakuba bekunzima ukukhetha isikwati sokugcina esizobamba iqhaza eNdebeni yoMhlaba, uyethemba ukuthi uhlanganise iqembu eliqinile.
NgoLwesihlanu ebusuku, u-Ellis ukhiphe uhlu lwabadlali abangu-23 abazomela izwe kulo mqhudelwano ozoqala ngoJulayi 20 e-Australia naseNew Zealand.
Njengompetha base-Afrika, iBanyana Banyana izomela izwekazi ihambisana namanye amazwe amathathu, iZambia, Nigeria neMorocco.
Ezika-Ellis zizoqala umqhudelwano kuGroup G lapho ziqhathwe khona ne-Argentina, Italy neSweden.
“Abadlali sihlale sibatshela ukuthi bazimisele ngoba indlela abadlala ngayo iyona eholela ekutheni baqokwe. Njengomqeqeshi ukhetha ngalokhu okubonayo,” kusho u-Ellis.
“Uphinde ubheke nezindawo ezihlukene zeqembu, abadlali abakwazi ukudlala ezindaweni ezahlukene nokuthi bangena kanjani uma nifuna ukushintsha okuthile emdlalweni.
“Bengingakazithathi izinqumo zokugcina ngisho sekusele izinsuku ezimbili ukuthi ngimemezele isikwati. Bekunzima kakhulu. Bekuhambisana nemizwa futhi ngoba wonke la mantombazane abephupha ngokudlala eNdebeni yoMhlaba kodwa bekumele ngishabalalise amanye alawo maphupho.
“Kufanele ngenze isiqiniseko sokuthi nginabadlali abalungele noma yini futhi ngikholwa ukuthi laba badlali sebemi ngomumo.”
Ngaphandle kwabangu-23 abaqokiwe, kuphinde kwakhethwa nabanye abathathu abazovala izikhala uma kwenzeka kubakhona abalimalayo. Laba badlali ngunozinti uRegirl Ngobeni, umdlali wasesiswini u-Amogelang Motau nomgadli uNthabiseng Majiya.
IBanyana izobe idlala eNdebeni yoMhlaba okwesibili njengoba yayikhona nasemqhudelwaneni odlule owawubanjelwe eFrance ngo-2019.
Kulowo mqhudelwano ayizange idlulele esigabeni somkhumulajezi njengoba yahluwa kuyona yonke imidlalo yamaqoqo, iguqiswa yiSpain, China neGermany. Nokho, u-Ellis ulindele ukuthi iqembu lenze kangcono kulo nyaka.
“Leli yiqembu elizimisele kakhulu, iqembu elinabadlali abanezifiso ezinkulu. Ngicabanga ukuthi selivuthwe kakhulu kule minyaka emine edlule,” uqhube kanje.
“Uma ubheka indlela esithuthuke ngayo kusuka kwi-Aisha Buhari Cup singena kwi-Afcon, ngicabanga ukuthi silikhuphulile izinga lethu. Sekufanele senze okufanayo naseNdebeni yoMhlaba.”
Iqembu leBanyana Banyana lendebe yoMhlaba
Onozinti: Andile Dlamini (Mamelodi Sundowns FC), Kaylin Swart (JVW FC), Kebotseng Moletsane (Royal AM).
Izitobha: Karabo Dhlamini, Lebohang Ramalepe, Tiisetso Makhubela, Bambanani Mbane (Mamelodi Sundowns FC), Fikile Magama, Bongeka Gamede (UWC), Noko Matlou (SD Eibar).
Abasesiswini: Kholosa Biyana, Sibulele Holweni (UWC), Refiloe Jane (Sassoulo FC), Linda Motlhalo (Glasgow City), Nomvula Kgoale (TS Galaxy), Robyn Moodaly (JVW FC).
Abagadli: Gabriela Salgado (JVW FC), Jermaine Seoposenwe (C.F. Monterrey), Melinda Kgadiete (Mamelodi Sundowns FC), Wendy Shongwe (University of Pretoria), Hildah Magaia (Sejong Sportsoso), Thembi Kgatlana (Racing Louisville), Noxolo Cesane (ongenalo iqembu).