UMQEQESHI weBanyana Banyana, uDesiree Ellis, ukholwa wukuthi uhambo lwabo lwaphesheya kwezilwandle beyodlala kwiTurkish Women’s Cup lube yimpumelelo njengoba belungiselela iNdebe yoMhlaba yalo nyaka.
IBanyana ilibhekise eTurkey ngesonto eledlule nakuba ezinye izingxenye zaleli lizwe zihlaselwe ukuzamazama komhlaba kusukela ngoFebhuwari 6 osekudlule nemiphefumulo engaphezu kuka-40 000 kwacekela phansi izakhiwo nenye ingqalasizinda.
Nokho, lo mqhudelwano ubudlalelwa edolobheni lase-Alanya, esifundeni sase-Antalya, esingathintekanga kule nhlekelele.
Iqembu lika-Ellis lidlale umdlalo walo wokuqala ngoMgqibelo laqumbaphansi i-Uzbekistan ngo 3-0 ngaphambi kokudlala ngokulingana ngo 1-1 neSlovenia ngoLwesibili ntambama.
“Ngikholwa wukuthi sizitholile izivivinyo ebesizifuna ikakhulukazi emdlalweni wesibili. ISlovenia ilithinta kahle ibhola, iphasa kahle. Siyazi ukuthi iSweden ne-Italy badlala isitayela esifanayo. Ngiyibukile ne-Argentina ibhekene neNew Zealand futhi nayo iyakwazi ukulibamba ibhola,” kusho u-Ellis.
“Ukudlala neqembu elisebenzisa amandla kuphinde kwasisiza ukuthi sizilungiselele, sibone ukuthi sizobhekana kanjani nezinselelo ezifuze lezi.
“Kudingeke ukuthi sithole izisombululo futhi ngicabanga ukuthi abadlali bethu abaningi bakwazile ukukwenza lokhu enkundleni, babona ukuthi yini abangayenza ukuze izitha zibhekane nobunzima. Ngiyabancoma abadlali ngendlela abawufunde ngayo umdlalo.
“Sibonga abantu baseTurkey ngokusinika ithuba lokuza lapha sizodlala ibhola. Siyazi bahaqwe wusizi futhi siyazwelana nabo. Indawo ebesihlala kuyo ibiyinhle kakhulu, izindawo zokuzilolonga nenkundla esidlale kuyona bekusezingeni eliphezulu.”
U-Ellis uthe zibaluleke kakhuku kubona izinyanga ezimbalwa ezizayo ngaphambi kokuqala kweNdebe yoMhlaba ezokuba se-Australia naseNew Zealand kusukela ngoJulayi kuya ku-Agasti.
“Kumele sithathe igxathu elilandelayo emidlalweni yango-Ephreli. Kudingeka sibe sesimeni esingcono somzimba futhi sibe ngcono uma sisebenzisa amaqhinga ethu enkundleni,” kusho u-Ellis.
“Yize singenelwe yigoli sibhekene neSlovenia, ngicabanga ukuthi besihleleke kangcono emuva futhi sahlasela kangcono. Isinyathelo esilandelayo wukuqinisekisa ukuthi asingenelwa goli siphinde siqinisekise ukuthi uma sithola amathuba siyawasebenzisa.
“Kwesinye isikhathi emidlalweni emikhulu uma ubhekene namaqembu aphezulu uthola ithuba elilodwa kuphela futhi kufanele ulithathe,” uphethe kanje.