UNETHEMBA lokufeza iphupho lakhe lokudlala eNdebeni yoMhlaba nelokudlalela elinye lamaqembu amakhulu phesheya umgadli weBanyana Banyana, uNthabiseng Majiya, yize esagxile kakhulu emfundweni yakhe okwamanje.
Lo mdlali oneminyaka engu-18 uzokwenza u-matric e-Orion Secondary School, e-De Aar, eNorthern Cape, ngonyaka ozayo kodwa usabheke ukuthi avukelwe yinqwaba yamathuba ebholeni.
Ekuqaleni kwale nyanga, uqokwe njengomdlali osemncane ovelele kwiHollywoodbets Super League. Bese kungokwesibili kulandelana egixatshezwa ngendondo ye-Young Player of the Season.
Ngesizini ka-2021, wayithola ngemuva kokushayela iRichmond United amagoli angu-20, kanti kweka-2022 uhlohle angu-19.
“Ngijabule kakhulu ngokuthi ngiphinde ngithole lo mklomelo ngoba kusho ukuthi ngenza kahle. Baningi abadlali abasebancane abadlala kahle kwiligi ngakho ukuphinde ngiwunqobe kusho lukhulu,” kusho uMajiya.
Lo mdlali odabuka ePhilippolis, eFree State, ujoyine iRichmond okuyiqembu elizinze eNorthern Cape, ekuqaleni kwesizini ka-2021. Ukungalibheki kwakhe ipali kwenze washeshe wadonsa amehlo omqeqeshi weqembu lesizwe, uDesiree Ellis.
Udlale okokuqala kwiBanyana emdlalweni wamaqoqo e-Women's Africa Cup of Nations (Wafcon) neBurundi futhi washaya igoli lakhe lokuqala emdlalweni wokugcina wamaqoqo neBotswana, ngoJulayi.
Kwakuyigoli elimqoka njengoba laqinisekisa ukuthi iBanyana inqoba ngo 1-0 futhi iqeda iqhwakele eqoqweni ngaphezu kweNigeria.
Yize ebengumdlali omncane kunabo bonke eqenjini eligcine lidle isicoco seWafcon, uMajiya uthe waqiniswa idolo amazwi ka-Ellis nephini lakhe uThinasonke Mbuli, abamenza wazizwa engomunye wabadlali abamqoka eqenjini.
“Indlela ebheke eqenjini lesizwe elikhulu ibingelula yize ngiqale kwelika-Under 20. Ngake ngabizwa ngaphambi kweWafcon kodwa ngangakwazi ukudlala ngoba ngahaqwa yiCovid-19, ngabuye ngaba nezinkinga ze-passport," kuchaza lo mdlali.
“Abaqeqeshi bangitshela ukuthi angingasabi ngoba bangibona ngingumdlali osezingeni eliphezulu futhi njengoba ngisemncane ngisengakwazi ukuba umdlali ongcono kakhulu.
“Nangaphambi kokuba silibangise eMorocco, nganginethemba lokuthi singayinqoba indebe ngoba sasiyiqembu elihlangene elinenhloso eyodwa."
UMajiya angalifeza iphupho lakhe lokudlala eNdebeni yoMhlaba uma engafakwa esikwatini seBanyana esizodlala e-Australia naseNew Zealand ngoJulayi kuya ku-Agasti wonyaka ozayo.
Unethemba lokuthi angagcina esedlalela elinye lamaqembu amakhulu phesheya kwezilwandle njengomdlali abukela kuyena, uNeymar Jr weParis Saint-Germain neBrazil.
“Ukuba yingxenye yesikwati esizoya eNdebeni yoMhlaba ngeke kube lula kodwa uma ngisebenza kanzima futhi ngizikhuthaza akukho okungangivimba,” usho kanje.
"Umndeni wami uyangeseka kukho konke engikwenzayo kodwa abazali bami bahlale bengiluleka ngokubaluleka kwemfundo, yize bazi ukuthi ngiyazifela ngebhola.
"Okwamanje ngikhethe ukuhlala eDe Aar ukuze ngiqhubeke kulesi sikole engikuso ngize ngiqede u-matric. Ngiyafisa ukuzibona ngithuthuka ngize ngidlalele amaqembu amakhulu afana neBarcelona, PSG neReal Madrid.
“Lawa amaphupho ami futhi ngikholwa wukuthi uma ngiqhubeka nokuzinikela ngingawafeza njengoba ngikwazile ukudlala kwiWafcon," kusho uMajiya.