INDLELA ebheke ekupheleni kwesomiso sezindebe kwiKaizer Chiefs kule sizini, iqala ngomdlalo wayo wama-quarterfinal e-MTN 8 neCape Town City, e-Athlone Stadium, eKapa, ngo-3 ntambama.
Nakuba zisekhona ezinye izicoco ezisazodlalelwa kule sizini ka-2023/24, okubalwa kuzo neCarling Black Label Cup, iNedbank Cup ne-DStv Premiership uqobo kodwa umphumela ozotholwa yiChiefs emdlalweni wayo wakusasa neCity, ungase unike umkhombandlela ngethemba lokuzibula ngesicoco kwalezi zingqungqulu zaseSoweto, ezagcina ukuphakamisa isicoco ngesizini ka-2014/15.
Zehlukene izizathu ezenza abalandeli beKaizer Chiefs bawubheke ngabomvu umdlalo wayo neCape Town City.
Okokuqala, iCity eqeqeshwa ngu-Eric Tinkler, kubukeka isiyiphuze inyongo iChiefs kula masizini amabili edlule njengoba ivulele isibhaxu kuyona kwaze kwaba ngamahlandla amathathu.
Ngesizini eyandulela edlule, eka-2021/22, iCity idlale ngokulingana neChiefs ngo 0-0 ngomzuliswano wokuqala koweLigi, yabe isiyithela isibhaxu sika 2-1 ngomzuliswano wesibili.
Kanti ngesizini edlue ka-2022/23 iyibhulele amasaka isibili, njengoba ivulele isibhaxu sika 2-0 ngomzuliswano wokuqala weLigi, yaphinda esifanayo emzuliswaneni wesibili iyishaya ngo 1-0 emdlalweni wokugcina wesizini.
Okwesibili, Amakhosi aya kulo mdlalo nje izinhliziyo zabalandeli bawo ziphukile kulandela ukushaywa kwawo yiMamelodi Sundowns ngo 2-1, koweLigi, ngoLwesithathu ntambama.
Ashaywe sekuthenjiwe njengoba umdlalo ubusuyophela zibambene ngo 1-1 kodwa unozinti uBrandon Petersen wenza imbedumahlwane ephunyukwa ezandleni yibhola elingatheni ebelishaywe nguNeo Maema weSundowns ngomzuzu wokugcina.
Ngaphambi kwalo mdlalo Amakhosi abeshiye izindimbane zabalandeli bawo zingeneme emuva kokushikiliswa kanzima yiChippa United ebambene nayo ngo 0-0 kwakuncane indawo kowokuvula isizini, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngeSonto.
Ngakolunye uhlangothi, i-The Citizens iza kulo mdlalo nje kuthe gidi izibindi kwazise isayinqobe yomibili imidlalo yeLigi yokuvula, ngokushaya iPolokwane City ngo 1-0, yalandela ngeMoroka Swallows ngoLwesithathu ngesibalo esifanayo samagoli.
UMolefi Ntseki, uthe: “Yonke into kwiKaizer Chiefs iyingcindezi, ngenxa yokuthi ngaso sonke isikhathi kuhlale kulindelwe olukhulu kuleli qembu. Lokhu kusukela kubaphathi abajwayele ukuwina izindebe, kuya kubalandeli abajwayele ukujabulela ukuwina izindebe. Ngakho-ke uma singawini lutho, kuba yindumalo kubaphathi nakubalandeli,” kusho uNtseki.
“Sesiside isikhathi usihlalo wethu, uDkt Kaizer Motaung engamukeli ndebe ngakho-ke sesikubeke emahlombe ethu siyithimba labaqeqeshi nabadlali, ukuthi ‘simele leli qembu’, ngakho kufanele silenzele okuhle.
“Uma uqokwa njengomqeqeshi weKaizer Chiefs, uyakwazi okulindelwe kuwena. Kukuwena-ke ukuthi ufuna ukushiya umsizilo onjani kuleli qembu. Ngakho-ke umsizilo engifuna ukuwushiya kuleli qembu ngowokuwina indebe, owokwenza kahle kwiLigi nokuwina imidlalo kujabule abalandeli,” kwethembisa uNtseki.