UHENDRICK Mokganyetsi ongusihlalo wekomiti labasubathi kwi-Athletics South Africa (ASA, uveze ukuthi akubakhathazi nakancane ukuthi iningi labasesikwatini esiye kumaWorld Athletics Championships, eHungary, lingene ngokwezilinganiso hhayi ngokwenza izikhathi zokuhlunga ebezidingeka.
Lesi sikhulu sasingumgijimi owayemele elakuleli kumaWorld Champs ango-1997, e-Athans, eGreece nakwawango-1999, eSeville, eSpain.
Sikuvumile ukuthi iningi labasubathi abaseqenjini lesizwe labangu-36, lingene ngenxa yokuba kwi-top 100 wezilinganiso zeWorld Athletics ngokuhlukana kwamabanga nangemidlalo okuqhudelwana kuyo.
Phakathi kwedlanzana elikwaze ukwenza izikhathi ebezibekiwe ukungena kulo mqhudelwano oqala ngoMgqibelo, u-Akani Simbine ozogijima u-100m. Isikhathi ebesibekwe iWorld Athletics kuleli banga u-10.00.
Esihle kunazo zonke asenzile u-9.97 ochungechungeni lweDiamond League, ePoland. Kukhona noWayde van Niekerk noZakithi Nene abagijima u-400m. Isikhathi obekuhlungwa ngaso u-45.00.
Esihle esigijinywe uNiekerk u-44.08 khona kwiDiamond League, ePoland. UNene uhlunge kulo mqhudelwano ngesiwu-44.74.
Nakuba uMokganyetsi ethe kabakhathazekile kodwa iningi lamazwe enza kahle kulo mdlalo afana ne-United States of America, Jamaica, namanye, abasubathi bawo baye eBudapest ngokwenza izikhathi ezidingekayo.
"Kuhle ngoba ngike ngaba umgijimi. Sibe nomhlangano nabasubathi sabatshela ukuthi leli yithuba labo lokubhala umlando kabusha. Kulabo abangakwazanga ukwenza izikhathi sithe abahambe bayolwela igama leNingizimu Afrika, eHungary. Sibatshelile ukuthi sizobaxhasa ngakho konke siyi-ASA neNingizimu Afrika yonkana. Asethukile nakancane, siyabathemba abasubathi bethu ukuthi bazokwenza kahle kumaWorld Champs alo nyaka," kubeka uMokganyetsi owayekhona kwababemele elakuleli kuma-Olympic Games ayengo-2000, eSydney, eAustralia.
Elakuleli liye eHungary likwenkulu ingcindezi. KumaWorld Champs abenyakenye e-Oregon, USA, nakwawaseDoha, eQatar ngo-2019, alinqobanga ngisho indondo eyodwa. Lagcina ukunqoba eziyisithupha ngo-2017, eLondon.
Imidlalo yabakuleli kuma-World Champs ngempelasonto:
Kusasa - 10.30am: Shot Put (Burger Lambrechts).
Ngo-1.15pm: 500m heat (Carina Viljoen).
Ngo-7.02pm: 500m heat (Tshepo Tshite, Ryan Mphahlele).
Ngo-7.10pm: Discus Throw (Victor Hogan).
Ngo-7.43pm: 100m heat (Shaun Maswanganyi, Akani Simbine, Benjamin Richardson).
NgeSonto - Ngo-9am - Women’s Discuss Throw (YolandiStander).
Ngo-9.35am: 400m heat Women (Marli Viljoen, Zeney van der Walt, Miranda Coetzee).
Ngo-10.25am: 400m heat Men (Wayde van Niekerk, Zakithi Nene, Lythe Pillay).
Ngo-1: 05: 110m hurdles (Antonio Alkana).
Ngo-6.25pm: 10 000m men (Adriaan Wildschutt).