NGEKE aphele amandla uVusumuzi Vilakazi, umqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uzoqhubeka nokukhuthaza umdlali wezakhe, uNduduzo “Sulumane” Sibiya, akholwa wukuthi ubekufanele ukuthola indawo eqenjini lesizwe iBafana Bafana elimenyezelwe ngesonto eledlule.
I-Arrows ithele ngehlazo lika 4-0 iSwallows emdlalweni weDStv Premiership, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu eThekwini ngempelasonto edlule.
USibiya ushaye amagoli amabili, wagcina eqokwe njengomdlali ovelele wosuku. Phezu kokushaya into ecokeme selokhu kuqale isizini, uSibiya ushaywe ngesithende ngumqeqeshi weBafana, uHugo Broos .IBafana izobhekana neSierra Leone ngoSepthemba 24 bese idlala neBotswana ngoSepthemba 27. Yomibili imidlalo izogijinywa eFNB Stadium ngo-3 ntambama.
Emaqenjini ayisihlanu aKwaZulu-Natal agijima kwiPremiership, nguPule Mmodi we-Arrows noVeli Mothwa waMaZulu kuphela, ababizelwe kwiBafana.
"Ngibona ukuthi bekufanele abizwe kwiBafana. Kodwa akukho esingakwenza. Isinqumo ngesomqeqeshi. Mhlawumbe ngokwakhe ucabanga ukuthi endaweni kaSulu unabadlali abangcono. Kodwa sizomkhuthaza. Ukulindile ukubizwa. Usebenza kanzima wonke amasonto futhi uzogcina ebiziwe," kusho uVilakazi.
I-Arrows iyiqale kabi isizini ilahla amaphuzu emdlalweni wokuvula. Nokho kubukeka izinto seziqala ukuhlangana. Emidlalweni emine edlule, inqobe imdlalo emithathu. Ihlulwe ompetha beligi iMamelodi Sundowns kuphela kuyona.
"Ngichazekile ngendlela iqembu lethu elidlale ngayo. Ngaphezu kwakho konke, ngidinga ukukugqamisa ukuthi kwenza izinto zibe lula ukuba nabadlali abaqeqeshekayo, abadlali abayilalelayo imiyalelo. Iqhinga lethu ngesikhathi sibheka ukuqina kweSwallows nobuthaka bayo, sishaye emhloleni.
“Kodwa into ebesiyidinga wukwenza okuyinto eyenzekile namuhla. Besazi kahle ukuthi sizothola inqwaba yamathuba okushaya amagoli. Nakuba besingazi ukuthi singashaya amane ngenxa yokuthi awumuhle umgqigqo wethu kulokho kodwa ngijabule kakhulu ngendlela esidlale ngayo nokusebenzisa amathuba phambi kwamapali," kusho uVilakazi.
I-Arrows iyoze ibuyele enkundleni ngo-Okthoba 4 uma seyamukela iCape Town City koweligi ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.