UMZWANDILE Stick, oyiphini lomqeqeshi wamaBhokobhoko uvuma eyokuduma kwamakhanda ethimbeni labaqeqeshi emuva kokuphakamisa izandla kwenqwaba yabadlali bevula iCastle Lager Rugby Championship ngokuhlula i-Australia 43-12 eLoftus Versveld ngoMgqibelo.
Okunika inkinga kuStick nozakwabo wukuthi kufanele banqume ngesikwati seNdebe yoMhlaba eseFrance ezinyangeni ezimbalwa.
Kunabadlali abamqoka kumaBhokobhoko abalimele okuhlanganisa nokaputeni, uSiya Kolisi, kanti kunabanye abajwayele ukuqala imidlalo asebevele baseNew Zealand (abebengekho kowangoMgqibelo), ngenhloso yokuyozijwayeza indawo ngaphambi kowangoMgqibelo.
Ngokusho kukaStick, laba badlali abazange bagcine ngokuzofaka emicabangweni yabo ngesikimu somdlalo olandelayo kepha bafake abaqeqeshi enkingeni ngoba sekusondele ukuthi kuqokwe iqembu elizoya kovikela iscoco somhlaba eFrance.
Ngaphandle kukaKurt-Lee Arendse, oshaye ama-try amathathu, kunzima koStick ukuziba okwenziwe abadlali abafana noMarco van Staden, Andre Esterhuizen noJean Kleyn kubhubhudlwa i-Australia.
“Indlela esinqobe ngayo kufanele siyisebenzise njengobufakazi bokuthi kukhona okuhle esikwenzayo futhi kumqoka ukuthi sikusebenzise njengesitebhisi,” kusho uStick.
“Uma iqembu lenza kahle nabadlali bakhushukelwa wukuzethemba, kuyinto efana nesibusiso kubaqeqeshi njengoba iNdebe yoMhlaba isiseduze.
“Kuphithene amakhanda kithina ngoba kufanele siqoke iqembu elizodlala eNew Zealand kodwa nayo yonke eminye imicabango esinayo ngeNdebe yoMhlaba ngesimo sabadlali nangokwefomu kufanele siyibekele indawo emqondweni.”
Lo mqeqeshi obeyingxenye yamaBhokobhoko adle isicoco ngo-2019 wenelisekile ngendlela iqembu labo eligqishe ngayo ngabadlali abaningi ababanga indawo eyodwa.
“Ayikho into engeke yenzeke koweNdebe yoMhlaba futhi akekho umdlali ongambukela phansi emqhudelwaneni ofana nalo,” kuphetha uStick.
Indaba yokuthi isikimu samaBhokobhoko besithanjisiwe icasule umqeqeshi we-Australia, u-Eddie Jones, owayewusomaqhinga wamaBhokobhoko ngesikhathi edla isicoco somhlaba ngo-2007 eFrance.