ISITOBHA saseBurundi esasigijima kwiKaizer Chiefs, uValery Nahayo, siziziqhathe nolaka lwabazifela ngo-Itumeleng Khune, ngesikhathi simgcona ngokusanda kumehlela.
UKhune usanda kwehliswa esikhundleni sobukaputeni kwiChiefs wamiswa naseqenjini kulandela ukulahlwa kwakhe icala lokungaziphathi kahle. IChiefs esitatimendeni sokumisa uKhune ayizange icacise ukuthi wenzeni kodwa imibiko yabezindaba eyasabalala yaveza ukuthi wafika ejimini ebukhile.
Lo nozinti ngeSonto, uphanyeke izithombe zakhe eziqeqesha ekhasini lakhe le-Instagram (itukhune32) zihamba nombhalo, othi: “Kufanele uziqeqeshe ngendlela yokuthi ubunzima ugcina ungasabuzwa. Umzimba wakho ithuluzi lokusebenza ngakho-ke kusemqoka ukuzihlakaniphela izindlela zokuwulondoloza.”
Kulezi zithombe kusobala ukuthi usebenza ngokuzikhandla uKhune oziqeqesha yedwa okungesinye sezigwebo zokulahlwa amacala abesolwa ngawo ikomidi eliqondisa ubugwegwe kwiChiefs.
UNahayo okungacaci noma ubencokola noma ubemgcona ngempela uKhune, uzithintele iziqandu ngokuphendula umbhalo walo nozinti ngokumbuza ukuthi kunganjani baqale bashaye isiphuzo ngaphambi kokuthi aye ejimini?
Lo mbhalo kaNahayo ozibiza ngo-valery_nahayo ku-Instagram, ubuhambisana nemifanekiso yokufa insini nezingilazi zikabhiya.
Abalandeli bakaKhune bamane bamthelekela uNahayo.
“Ngokwakho ubona ukuthi kuyahlekisa lokhu okwenza kuKhune? Vula amehlo,” ubhale kanje u-retha_agri ngokunengeka.
UMathabatheful_phenyo uthe: “Mpetha, njengomuntu owayewumdlali, ubungenza kangcono kuKhune ngoba thina futhi siyamethemba ngamagalelo akhe egila izimanga ekhulisa onozinti baseNingizmu Afrika.”
“Kuyathusa ukuthi lokhu kubhalwe umuntu owayewudlali webhola. Ngifisa sengathi uKhune angakuvimba ukuthi uphawule ezintweni zakhe ngokuzayo ngoba lokhu okwenzayo kukhombisa umona,” kubhala u-boyzee_lizza sakufuthelana.
Ayitholile indawo kuNahayo la mazwi kwazise uphendulile ngokubuza ukuthi uma enomona, owani?
Iningi labalandeli bakaKhune belivumelana ngokuthi lo nozinti zimhambele kahle izinto kusukela emncane okuyinto abebethi ayizange yenzeke kuNahayo.
“Imali yokuthenga utshwala obubizayo lobu enithi anginayo, kimina eyokubuthengela ingane yami amathoyizi bese ngiziphuzela ubhiya oshibhile,” kuphendula uNahayo obese ekhombisa izimpawu zokufudumala.
Babodwa abebemtshela ukuthi bebemthanda kanti abanye bebeveza ukuphoxeka kwabo ngoNahayo abebemhlonipha ngakwenzele iChiefs.
Kulokho uNahayo uphendule ngokuthi “Ngiphoxe ukudlula lona ofike ejimini ephuzile?”
UNahayo wadlala amasizini amathathu kwiChiefs ngo-2008 kuya ku-2011. Wafika noReneilwe Letsholonyane besuka kwiJomo Cosmos eyayikade idliwe yizembe.
Wanqoba isicoco seTelkom neChiefs ngesizini ka-2010/2011 nabadlali abahlanganisa uKhune noThabang Rooi, Dominic Isaacs, George Lebese noPunch Masenamela, bonke afike kanye nabo kwiChiefs.