UDAKA olushaywe ngunondweba uLuxolo Badi, kwisemi final yeMTN8 olushiye iKaizer Chiefs ikhihla eseNdlovukazi uNandi, luzokwengeza ingcindezi kunondweba nethimba lakhe elizophatha umdlalo wamanqamu eMTN8 namuhlanje, eThekwini.
Lo mdlalo wanamuhla ngo-6 ebusuku, useMoses Mabhida Stadium.
IPirates, evikela isicoco, izobe iyiqembu lasekhaya nokusho ukuthi yiyo ezokhetha imibala kuneMamelodi Sundowns, ebhekene nayo.
Amagama onondweba ayafihlwa ngenhloso yokubavikela nesithunzi sebhola kwabangase balinge ukubagwazela bathenge imiphumela yemidlalo.
Nokho amagama athenjiwe nguThando Ndzandzeka, Abongile Tom noJelly Chavani cishe, no-Eugene Mdluli.
Yize kunjalo kodwa amanxusa alo mqhudelwano, uJosta Dladla, Tyren Arendse, Thabo Nthethe noLucky Lekgwathi avumelene ngokuthi unondweba wanamuhla uzobhekana nenselelelo ephindiwe ngenxa yezibhelu ezishiye iChiefs isikhihla.
“Kuyiqiniso ukuthi nabo (onondweba) njengabantu bazowenza amaphutha, kodwa kumele bazame ukuqikelela.
“Kulo mdlalo akukho ukungabaza ukuthi izobe yengeziwe ingcindezi konondweba ngoba bazobe beqikelela ukungayiphindi into eyenzeke emdlalweni owedlule,” kuvumelana uLekgwathi noNthethe, abebeyizitobha zokuqina kwiPirates, neSundowns.
“Yizwa ngami, kulo mdlalo, uma kuyiphenathi. Ngeke bangabaze ukuyibeka. Kuzoqhuma uPeeeh! bayibeke emlotheni.
“Singawulindela impela umdlalo omuhle esandleni sonondweba ngoba akekho ozofuna ukubalwa odakeni.”
ULekgwathi ujobelele ngokuthi kumele luthi ukuqiniswa noswazi okuhlawuliswa ngalo onondweba abashaya udaka.
“Ngikhalile ngibona kuthiwa uzomiswa imidlalo emine unondweba ogile iChiefs. Uphuce iChiefs i-R8million, nakuye uswazi maluqine,” kusho uLekgwathi.
“Siyathemba ukuthi kuqokwe unondweba ongenalo uvalo lokuthatha izinqumo eziphusile,” kuvumelana uNthethe no-Arendse, oke wagijima kwiSundowns.
UDladla uphethe ngokugcizelela ukuthi yize unondweba kungafanele asabe ukubeka amaphenathi kodwa angakujahi ukukhipha amakhadi.