South Africa (0) 1
Congo (1) 1
LIZISHIYELE umsebenzi onzima iqembu lakuleli labesilisa lika-Under 23 ngesikhathi lidlala ngokulingana ngo-1-1 neCongo emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations ka-Under 23 obuseDobsonville Stadium, eGoli, ngoLwesine ntambama.
Kuyiwe ekhefini izivakashi zihamba phambili ngo-1-0 ngegoli elibekwe enethini nguLove Raemma Bissila ngekhanda sesizophela isiwombe sokuqala. UThapelo Maseko ushayele iqembu likaDavid Notonae elokulinganisa maphakathi nesiwombe sesibili.
Iqembu lakuleli liwuphathe zibekwa umdlalo, lihlasela ngakwesokunxele nangakwesokudla, kodwa lihluleka ukulivalela phakathi ibhola uma selifike ebhokisini.
UMaseko, obegijima kwesokunxele, uthole ithuba lokuqala ngomzuzu ka-13 ibhola limfica engamakiwe ebhokisini kodwa wakhetha ukwakha amabhilidi.
Lo mdlali, ogijima kwiSuperSport United, uphinde wamosha ibhola abeliphakelwe ngu-Ashley Cupido ngomzuzu ka-14, elibeka eceleni esebhekene nepali.
Ngomzuzu ka-23 kusebenze unozinti weCongo, uDhody Bissial Foutou, ephebeza ishodi ebelithunyelwe nguDevon Titus eqhamuka ngakwesokudla.
Yize iqembu laseCongo belingahlaseli kakhulu, belingawathola amagoli ngamaphutha enziwe yizitobha zakuleli ukuba unozinti, uLincoln Vyver, ubengaphapheme. Uphume kabili epalini eyovimba amabhola abeyingozi.
IRed Devils igcine ilitholile igoli ngomzuzu ka-44 ngesikhathi u-Exauce Nzaou egoba ibhola engakwesokudla, eleqe u-Olwethu Mzimela, uBissila walingqofela phakathi.
Isiwombe sesibili siqale ngendlela efanayo nesokuqala njengoba iqembu lasekhaya belibheke ukulithunga esiswini kodwa udonga lwasemuva lweCongo lusaqinile.
UMaseko uphinde walithola ezihambela yedwa ibhola ebhokisini ngomzuzu ka-47, waphinde wahluleka ukulidlulisa kunozinti, uFoutou. UCupido ulivalele phakathi ngoka-57 kodwa langabalwa ngenxa yokuthi ubesemhlabeni ongafanele.
Kugcine kumlungele uMaseko ngomzuzu ka-69 ecisha ibhola ebeligotshwe nguMduduzi Shabalala kwesokudla, kulokhu wangaxhamazela, walinamathisela enethini.
Ukuhluleka kweqembu lakuleli ukuthola igoli lesibili kuchaza ukuthi nakanjani kumele lithole igoli ekuhambeni emlenzeni wesibili ozodlalelwa eMassamba-Debat Stadium, eBrazzaville, ngoMsombuluko.
Iqembu elizonqoba ngemva kwemilenze emibili lizoba ngelinye lamaqembu ayisishiyagalombili azodlala kwi-Afcon ezoba seMorocco ngoJuni.
Amaqembu amathathu azophuma phambili kule Afcon azozibekisela izindawo kuma-Olympic azoba seParis, eFrance, ngonyaka ozayo.