LITHAKWE ngabadlali beStellenboch FC abashisayo kulezi zinsuku iqembu lesizwe lika-Under 23 elizodlala umqhudelwano wokucaba indlela ebheke kuma-Olympics ka-2024.
Lesi sikwati somqeqeshi uDavid Notoane asikamenyezelwa ngokusemthweni yiSouth African Football Association (Safa) kodwa amaqembu asehlulekile ukufihla, abongela abadlali bawo ngokuqokwa.
Sizodlala imidlalo yokuhlungela i-Under 23 Africa Cup of Nations, ezoba seMorocco ngoJuni wonyaka ozayo. Umqhudelwano, oqhatha wonke amaqembu ase-Afrika, uzokhipha amaqembu amathathu azomela izwekazi kuma-Olympics eParis, eFrance, ngo-2024.
Iqembu laseMzansi lizongena emzuliswaneni wesibili wemidlalo yokuhlunga ngenxa yokukleliswa kahle emazweni ase-Afrika. Lizodlala ngempelasonto ka 21-23 Okthoba neka-Okthoba 28-30 nelizowina phakathi kweMauritania neTogo.
Kubadlali okuputshuke ukuthi basesikwatini sikaNotoane, kukhona u-Antonio van Wyk, Oshwin Andries noJayden Adams abawine iligi yeDStv Diski Challenge neStellenbosch ngesizini edlule.
Bobathathu abadlali sebedlala esikimini esikhulu seStellies futhi basematheni selokhu benyukele kwiDStv Premiership. Abanye abadlali okuvela ukuthi bakulesi sikwati ngunozinti weKaizer Chiefs, uBontle Molefe, Mpho Mathebula (Richards Bay FC), Keletso Sifama (Kaizer Chiefs), Boitumelo Radiopane (Cape Town Spurs), Ethan Brooks no-Olwethu Mzimela (AmaZulu).
Iqembu elisha lika-Under 23 linengcindezi yokuhamba ezinyathelweni zeledlule elidlale kuma-Olympics ka-2020 eTokyo. Ngaphambi kwalokho iNingizimu Afrika idlalile kuma-Olympics ka-2016 eBrazil.
Ngaphandle kweqembu lika-Under 23, elika-Under 20 eliqeqeshwa nguVela Khumalo lizoqala ikhempu namuhla ngabadlali abangu-40, iningi labo eliyibamba kwiDiski Challenge. Lizilungisela ukuyodlala emqhudelwaneni iCosafa Cup Championship eSwatini, ngo-Okthoba 7-16. Amaqembu amabili azofinyelela kowamanqamu azozibekisela indawo kwi-Afcon U/20 ezodlalwa e-Egypt ngonyaka ozayo.