‘ISUNDOWNS ingayithatha iligi kodwa izicoco ngezePirates’, ikusho sakuncokola lokhu inkakha ye-Orlando Pirates uLucky Lekgwathi kodwa iqiniso wukuthi yiwo umoya eya ngawo kowamanqamu weMTN8 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Lo mdlalo ungoMgqibelo ngo-6 ntambama kanti uphakathi kwezakhe uLekgwathi, i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns esalokhu iqhubekile nokubamba ifomu enhle (thola kabanzi ngale fomu ephepheni Isolezwe Ngempelasonto lanamuhla).
“Mina angikagculiseki ngeSundowns (kule sizini). Kule midlalo iSundowns esayidlale nePirates ngisho neChiefs kule sizini...hhayi mina angibonanga lutho kuyo,” kusho uLekgwathi.
https://www.instagram.com/reel/CyEFdiAoiRX/?igshid=NTc4MTIwNjQ2YQ==“Ngisho nabanye abalandeli bePirates, uma bengibuza ukuthi ‘Lucky, sizonqoba kodwa?’, ngiyabatshela ukuthi ‘Khululekani, iSundowns ingayinqoba iligi kodwa iPirates izothatha izinkomishi’. Kuzoba kanjalo-ke. Okuhle futhi wukuthi siya kulo mdlalo kuyithi abanganikwe lutho.”
Nokho-ke, untanga kaLekgwathi, odlala kwiMamelodi Sundowns, uThabo Nthethe, ube nezakhe izimpendulo ekhuza uPhindamzala (uLekgwathi) ngokuzwakaa engayigqizi qakala eyomgqigqo wamaSandawana.
“Sonke siyawazi umgqigqo weMamelodi Sundowns wokulwela ukunqoba yonke imidlalo. Isikhali sabo esikhulu yindlela umqeqeshi wabo enza ngayo izinto,” kusho uNthethe.
“Imfundiso yokuthi udlala namuhla uvuke ngakusasa usukudlulisele okwenzeke kulowo mdlalo usucabanga ngomunye, yiyona nkemba.
“Indlela akukhuthalele ngayo ukuhlaziya imidlalo, izobaweza ngoba njengoba bedlala nePirates nje, ukuhlole waqeda ukuthi bazobhekana kanjani nokushesha kwayo.”