UHLABEKE umxhwele ngesikhathi iqembu lakhe livikela isicoco se-MTN8, ongumqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro.
IPirates ingene kowamanqamu ingenawo umgqigqo omuhle njengoba ibisihluleke wukunqoba emidlalweni emine.
EzikaMagebhula ziqumbe phansi iMamelodi Sundowns ngo 3-1 sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo ebusuku.
Bese zishukane zaze zabukana kungu 0-0 emizuzwini engu-120.
EzikaRiveiro ziyiqale isizini ngohlulwa yiStellenbosch ngo 1-0 kowokuvula weDStv Premiership.
Kodwa zikwazile ukuvuka ziyithathe ziqhuba imidlalo eyisikhombisa ilandelana emiqhudelwaneni eyahlukene zingayazi induku. Kule midlalo zinqobe eyisithupha, zadlala ngokulingana kowodwa.
Kuthe abalandeli beZimnyama sebebona sengathi alikho iqembu elizobavimba babuyiselwa kwamhlaba beshaywa yiSundowns koweligi, iJwaneng Galaxy kweyokuhlungela isigaba samaqoqo eCaf Champions League neStellenbosch kowe-MTN8.
Ukuhlulwa yiJwaneng kuyilimaze kakhulu iPirates njengoba igcine ihlulekile ukungena emaqoqweni eCaf Champions League kodwa akubanga kubi kakhulu ukushaywa yiStellies njengoba bekwazile ukudlulela kowamanqamu ngenxa yokunqoba umlenze wokuqala (kweyandulela owamanqamu we-MTN8) ekuhambeni ngo 2-1.
URiveiro uvumile ukuthi ibikhona ingcindezi kuyena neqembu ngaphambi kowamanqamu e-MTN8 kodwa bakhethe ukubumbana nokuthemba izinhlelo zabo, ngisho kunzima.
“Mayelana nengcindezi ebenginayo, awufuni ukwazi ngayo, ngithembe, kawufuni ukwazi,” kusho umqeqeshi waseSpain exoxa nabezindaba ngemuva kokunqoba iSundowns.
“Lona akuwona umsebenzi olula. Uma uthola imiphumela emibili noma emithathu engemihle, kufuneka wehlise umoya. Akufanele uxhamazele ucabange ukuthi sekumele ushintshe izinto eziningi, uzame izixazululo eziningi ezahlukene.
“Ingcindezi yinto esisiza ukuthi siqhubeke, sithuthuke futhi anginankinga nalokho. Angifuni ukuzwakala sengathi ngiyazikhukhumeza kodwa ngikholwa kakhulu kulokhu esikwenzayo, angikwenzi ngedwa kodwa sibambisene sibaningi futhi esinezinhloso ezifanayo.
Uma wazi ukuthi wenzani, wazi ukuthi ufuna ukwenzani, wuyakwazi ukumelena nengcindezi.
“Uzama ukuqinisa abadlali, ubakhuthaze. Kimina kubaluleke kakhulu ukuthi abadlali bangaboni sengathhi umholi uyatatazela, noma unokungabaza.
Njalo siyazama ukuqhubeka ngendlela efanayo, siqonde ukuthi leli yibhola. Ngelinye isonto besithathwa njengento engingeke ngikwazi nokuyisho kodwa manje sesingompetha.”
Lena bekuyindebe yesithathu uRiveiro aseyiphakamise nePirates, kusukela efikile ekuqaleni kwesizini ka-2022/2023. Ngesizini edlule banqobe i-MTN8 ngokushaya AmaZulu ngo 1-0 kowamanqamu, bathatha iNedbank Cup beshaya iSekhukhune United ngo 2-1.
URiveiro uvumile ukuthi womabili amaqembu abengadlala ibhola elingcono.
“Ngizizwa ngiziqhenya ngendlela iqembu lethu elidlale ngayo. Bekunzima, hhayi nje ngenxa yezinga lembangi ebesidlala nayo esilazi sonke kodwa isimo besingawavumeli womabili amaqembu ukuthi adlale ibhola alifunayo,” uqhube kanje uRiveiro.
“Bekuhluke kakhulu uma umoya uvuna nina nalapho uvuna khona izimbangi. Bekufanele sivale kahle emuva siqinsekise ukuthi asingenelwa yigoli, saphinde saba nayo nenhlanhla ngezinye izikhathi sakwazi ukukhipha amabhola abeyingozi.
Ngicabanga ukuthi akuwona umdlalo ozokhunjulwa ngenxa yebhola elihle elidlaliwe kodwa uzokhunjulwa ngendlela abadlali abazinikele ngayo.”