Ghana 0-2 Uruguay
AVUKE ama ngezinyawo amadimoni ahlasele iGhana ngo-2010, u-Andre Ayew, eshweba iphenathi nokwenze bakhishwa yi-Uruguay ngo 2-0 eqoqweni H kwi-2022 Fifa World Cup ngomdlalo obuse-Al Janoub Stadium, e-Al Wakrah, eQatar ngoLwesihlanu ntambama.
IGhana iguqe ngamagoli amabili kaGiorgian De Arrascaeta angene ngomzuzu ka-26 noka-32.
Womabili uwakhelwe nguLuis Suarez.
Igama likaSuarez yilo ebelihamba phambili isonto lonke kukhulunywa ngalo mdlalo.
Eqinisweni selokhu lahamba phambili mhla kuqhathwa amaqoqo kulo mqhudelwano kanti nebala, ukuboza kuka-Ayew kuzolenza libuye futhi.
Ukushweba iphenathi kuka-Ayew, ukaputeni weGhana, kufana ncamashi nokuka-Asamoah Gyan naye owagqize ibhande leBlack Stars eshweba iphenathi bebhekene ne-Uruguay kwi-2010 Fifa Wolrd Cup eyabe iseNingizimu Afrika.
Leyo phenathi yayidaleke ngokuthi uSuarez avimbe isidana ngesandla ibhola elaliyobhalisa igoli leGhana.
Iphenathi egejwe ngu-Ayew ngoLwesihlanu nayo icwilise umoya wabalandeli kwazise ibizobeka iGhana phambili ngomzuzu ka-16.
Leyo phenathi ibizingelwe yisikhwishikhwishi esinguMohammed Kudus evinjwa ngunozinti esebhokisini lezitha.
Kucace engakalithinti ibhola u-Ayew ukuthi ngeke lifike enethini kwazise kuphele cishe isikhathi esingangomzuzu wonke emile kucaca ukuthi kuhlwe emini.
Usuke wacothoza kancane engazazi noma ufuna ukuya ngejubane ebholeni noma ufuna ukusikaza unozinti.
Udinga impama u #AndreAyew, a serious smack on the face @DiskiAfrika #2022FIFAWorldCup
— Malibongwe Mdletshe (@Malbingo) December 2, 2022
Kuthe ngisho eselishaya ibhola wavele walicabeka kangangoba maningi amathuba okuthi ungene emabhukwini eNdebe yoMhlaba ngokushaya iphenathi engumbozo cishe ukuwedlula wonke kulo mqhudelwano.
Emuva kombozo ka-Ayew, kweziqekethwayo kwiTwitter bese kuhamba phambili iBafana Bafana, abalandeli bayo abasayibambele igqubu iGhana eye eQatar ngokubamba inkunzi iqembu lesizwe laseMzansi.
Omunye obehamba phambili kweziqekethwayo, nguGyan, ngaleso sikhathi obezihlalele emahhovisi eSuperSport TV ehlaziya wona lo mdlalo.
Ukuphuma kweGhana kusho ukuthi kuseyiSenegal neMorocco kuphela abazomela i-Afrika esigabeni samaqembu angu-16 eQatar.
I-Uruguay idlule nePortugal.
ICameroon kuzoyicacela namuhla yize kungelula kwazise ivala eyeqoqo H nezimfivilithi, iBrazil.