IBANYANA Banyana isiyayazi inkambu ezogozolola kuyo kwi-2023 Fifa Women’s World Cup ezodlalelwa e-Australia naseNew Zealand.
Lo mqhudelwano uzoqala nngoJulayi 20 kuya ku-Agasti 20.
IBanyana iqhathwe eqoqweni G neSweden, Italy ne-Argentina.
NgoMsombuluko iFederation of International Football Association (Fifa) idalule izinkambu (izinkundla zokuzilolonga, amahhotela okuzohlala kuwo amaqembu namadolobha azogozolola kuwo esadlala kweyamaqoqo) zamazwe angu-32.
IBanyana neSweden bazohlala eWellington neyaziwa ngeTe Whanganui-a-Tara ngesiMaori, ulimi olukhulunywa ngabangumsinsi eNew Zealand.
Iqembu likaDesiree Ellis lizohlala e-Intercontinental Hotel Wellington kanti lizozilolongela ePorirua Park kulo leli dolobha.
ISweden yona izozilolongela eNZ Campus of Innovation and Sport.
Izimbangi zabo eqoqweni G, i-Italy ne-Argentina, zizohlala e-Auckland eyaziwa ngeTamaki Makaurau ngesiMaori.
Uyingqophamlando lo mqhudelwano ebholeni labesifazane kwazise kuzobe kungokowokuqala ukubophelaamazwe angu-32 njengalokhu kwenzeka kwabesilisa.
Uzobe ungowokuqala futhi ukusingathwa ngamazwe amabili. Kwabesilisa lokhu kwenzekile ngo-2002 udlalelwa eKorea naseJapan.
Ngo-2026 owabesilisa uzosingathwa okokuqala ngamazwe amathathu usudlalelwa e-USA, Canada naseMexico.
Okunye okusha ngomqhudelwano wabesifazane, wukuthi kuzobe kungokokuqala udlalelwa eSouthern Hemisphere kanti owabesilisa ungenile kulo mlando udlalelwa eNingizimu Afrika ngo-2010.
IBanyana izobe idlala okwesibili kulo mqhudelwano kwazise ibikhona naseFrance kubanga amazwe angu-24.
NgoLwesihlanu, iFifa iveze ukukleliswa kwakamuva kwamaqembu esizwe abesifazane emhlabeni.
IBanyana iyibambe endaweni ka-54 emhlabeni kanti e-Afrika iahleli endaweni yesibili ngemuva kweNingeria yona eku-44 emhlabeni.
IBanyana yiyo engompetha base-Afrika.