SEKUVELA nelinye igama kubaqeqeshi abafuna umsebenzi kwiKaizer Chiefs njengoba sekuqhamuka negama likaFernando Dacruz onqobise i-AS Far yaseMorocco isicoco seligi.
Leli phephandaba lihoshe ukuthi uDacruz (50) waseFrance ,uncamele ukuthi angayivuseleli inkontileka ne-AS Far ngoba efuna ukuzosebenza kuleli.
Kuthiwa usho amashushu ngokufuna ukucija iChiefs.
Kuvela ukuthi i-CV yakhe uyithumele kuMaKhosi ngesonto eledlule. Ngokusho komthombo, izikhulu zawo zibukeka zichazekile. Uneziqu ze-Uefa Pro Licence. Uke waqeqesha neRoyal Excel Mouscron edlala kuLeague 1, eBelgium.
Emasontweni edlule, ujabulise abalandeli be-AS Far enqoba isicoco seBotola Pro 1. Emdlalweni wokugcina, ushaye i-IR Tanger ngo 3-2 wase enqoba isicoco ngamaphuzu awu-67. Izimbangi ezinkulu iWydad Casablanca zigcine zilale isibili ngamaphuzu awu-66.
"UDacruz usho amashushu ngokuzosebenza kuleli. Wale waphetha ukuqhubeka kwi-AS Far nakuba beyifuna ukuyivuselela inkontileka yakhe. I-CV yakhe uyihambise kwiChiefs ngesonto eledlule. Nayo ibukeka ichazekile. Ngicabanga ukuthi lizophela leli sonto esehlanganile nayo," kubeka umthombo.
Kuvela igama likaDacruz nje, osekuphele isikhathi eside kukhulunywa ngalo ngelikaNasreddine Nabi waseTunisia oteketiswa ngelikaProfessor.
Lo mqeqeshi uzifake ezinhliziyweni zabanikazi beChiefs ngokunqobisa iYoung Africans yaseTanzania izinkomishi eziyisithupha selokhu efike kuyo ngo-Ephreli wango-2021.
Kube ngezimbili zeTanzanian Premier League, Tanzanian Community Shield Cup neze-Azam Sports Confederation Cup.
Kwisizini esanda kusongwa uphinde wahola iqembu lakhe ukufinyelela kowamanqamu eCaf Confederation Cup. Naye uneziqu ze-Uefa Pro Licence. Kuthiwa okubambezela izingxoxo ukuthi ufuna ukuza namaphini akhe.
Lokhu kubukeka kuzoyifaka kwezikhulu izindleko iChiefs njengoba u-Arthur Zwane nephini lakhe uDillon Sheppard, basalelwe iminyaka emibili kwizinkontileka zabo.
UVina Maphosa okhulumela iChiefs, uthe akayazi indaba kaDacruz.
"Engikwaziyo ukuthi wu-Arthur Zwane umqeqeshi weChiefs. Angibazi laba baqeqeshi ongibuza ngabo," kubeka uMaphosa izolo.
Kwisizini esanda kusongwa, izinto azimvumanga neze uZwane. Iqembu lihluleke nokungena emiqhudelwaneni yeCaf. Amakhosi asonge kweyesihlanu ngamaphuzu awu-44.