KUSINDA kwehlela kwiMamelodi Sundowns evunwa ngumlando ekubeni omunye uyiphika kuma-semifinal eCaf Champions League lapho iqhathwe khona neWydad Casablanca, yaseMorocco.
Umlenze wokuqala wala maqembu, useMohamed V Stadium, eCasablanca, namuhla ngo-9 ebusuku. Owesibili ungoMgqibelo ozayo, eTshwane ngo-3 ntambama.
Umlando muhle kanti futhi mubi ezithebeni zeSundowns kodwa ithemba livuswa yifomu elokhu iyibambe ngayo kulo mqhudelwano kule sizini, ijuqa ngamagoli amaningi amaqembu afana ne-Al Ahly neCR Belouizdad.
Irekhodi elimbi elibhekene neSundowns lisukela ekutheni iSundowns ayikaze iwunqobe umdlalo uma kudlalelwa eMohamed V Stadium.
Eqinisweni, igcina ukufika kulesi sigaba seChampions League, iguqe kulo iqembu laseMorocco, libaguqisa ngo-2-1 sekuhlanganiswe imilenze emibli ngo-2018/2019.
Empeleni indaba yonakale emlenzeni wokuqala obuseCasablanca lapho kuvele khona lo 2-1.
Emlenzeni wesibili eTshwane, zazibambane ngo-0-0 nokube wukuphela kwebanga ebelihanjwa yiSundowns.
ISundowns isefomini enhle kanti iWydad yiyo evikela isicoco esiphuce i-Ahly ngesizini edlule.
Izibalo zikhomba ukuthi emidlalweni engu-10 phakathi kwala maqembu, mine enqotshwe yiWydad kwemithathu evune iSundowns.
Emithathu idlalwe ngokulingana kodwa kukhona okuhle okuqala ngerekhodi lomqeqeshi weSundowns, uRhulani Mokwena kule sizini.
Emidlalweni engu-30 asayidlalise kule sizini uMokwena njengenhloko yebhentshi leSundowns, basahlulwe emdlalweni owodwa.
Kulowo mdlalo lihlabe laphukela bekhishwa yiStellenbosch kumaquarterfinal eNedbank Cup nobekusho ukushabalala kwamaphupho okuqeda isizini nezicoco ezintathu.
Kungenzeka futhi kuyisebenzele nakakhulu iSundwons njengoba iWydad iya kulo mdlalo ishaya ngomqeqeshi omusha, hleze ongakazihlanganisi izinto ngendlela afuna iqembu lidlale ngayo.
Ngesonto eledlule, iWydad ikhombe indlela uJuan Carlos Garrido, yaqasha uSven Vandenbroeck waseBelgium nobeyiphini likaHugo Broos benqoba i-2017, Caf Africa Cup of Nations neCameroon.
Ngaphambi kokulibangisa eMorocco, uMokwena ushiye eqinisekisile ukuthi bapequlule konke ngoVandenbroeck, obengaqashiwe kusuka ngo-Okthoba 2022.