IZOPHUTHWA yizindodla zemali i-Orlando Pirates kulandela ukukhishwa kukanozinti wayo, uRichard Ofori, esikwatini saseGhana esilibangise kwiNdebe yoMhlaba ezoqala ngempelasonto eQatar.
Lo nozinti ubefakiwe eqenjini lokuqala labadlali abangu-55 ababizwe ngumqeqeshi u-Otto Addo ngasekuqaleni kwenyanga, kodwa igama lakhe alikho ohlwini lokugcina lwabadlali abangu-26 abazobamba iqhaza kulo mqhudelwano.
Akukacaci ukuthi ushiywe ngaphandle ngenxa yokulimala noma ezinye izizathu njengoba umqeqeshi enqabile ukuphawula ngabadlali abangakhethwanga ngemuva kokumemezela isikwati sakhe.
U-Ofori wayesezintini ngesikhathi Ezimnyama ziguqisa AmaZulu kowamanqamu weMTN8 kodwa akabonakalanga kuyona yomibili imidlalo yeCarling Black Label Cup ngoMgqibelo.
"Baningi abadlali abashiywe ngaphandle ngenxa yezizathu ezehlukene kodwa angifuni ukungena kulokho, bonke abadlali bazitholile izincazelo," kusho u-Addo.
“Sibatshelile kodwa ukuthi abahlale bemi ngomumo ngoba kungenzeka sidinge abazovala izikhala uma kukhona abalimalayo. Sithandazela ukuthi kungenzeki okubi ezinsukwini ezimbalwa ezizayo kodwa ebholeni kumele ulungiselele konke.
“Ngiyazwelana kakhulu nabadlali abalimale sekusondele iNdebe yoMhlaba ngoba ngike ngabhekana nezimo ezinjalo kodwa ngenhlanhla ngakwazi ukudlala kweyayiseGermany ngo-2006.
“Njengamanje sithanda ukugxila kakhulu kulaba badlali abangu-26 esibakhethile ngoba ngikholwa wukuthi sineqembu elihle futhi sidinga ukuthi wonke umuntu aleseke."
Ukube u-Ofori ubeyingxenye yeqembu eliya eQatar, amaBhakabhaka abezohlomula u-$10,000 (R172 868) ngosuku ngesikhathi esabambe iqhaza kulo mqhudelwano.
IPirates ibingagcina ithole okungenani imali elinganiselwa kuR3 million ukube u-Ofori ubiziwe bese ehlala izinsuku ezingu-19 ekhempini yemidlalo yamaqoqo nje kuphela.
Kusukela ngo-2014, bathathu kuphela abadlali abadlalela amaqembu ePremier Soccer League abangene kwiNdebe yoMhlaba. URashid Sumaila owayekwiMamelodi Sundowns noFatau Dauda owayegijima kwiPirates babemele iGhana ngo-2014. UDaniel Akpeyi, owayekwiChippa United ngaleso sikhathi, wayeyingxenye yeqembu laseNigeria elalidlala eRussia ngo-2018.
IBlack Stars ikuGroup H lapho izodudulana nePortugal, South Korea ne-Uruguay.
Iqembu leGhana elizodlala kwiNdebe yoMhlaba eseQatar
Onozinti: Lawrence Ati Zigi, Abdul Nurudeen, Ibrahim Danlad
Izitobha: Denis Odoi, Tariq Lamptey, Alidu Seidu, Daniel Amartey, Joseph Aidoo, Alexander Djiku, Mohammed Salisu, Abdul-Rahman Baba, Gideon Mensah
Abasesiswini: André Ayew, Thomas Partey, Elisha Owusu, Salis Abdul Samed, Mohammed Kudus, Daniel-Kofi Kyereh
Abagadli: Daniel Barnieh Afriyie, Kamal Sowah, Issahaku Abdul Fatawu, Osman Bukari, Inaki Williams, Antoine Semenyo, Jordan Ayew, Kamaldeen Sulemana