ZAKHELE XABA
UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, uhlabeke umxhwele ngekhono lomdlali we-Orlando Pirates, uMiguel Timm, ambizele esikwatini esizodlala imidlalo yobungani.
UBroos ubekhuluma esithangamini nabezindaba lapho kade ememezela khona isikwati esizodlala imidlalo yobungani emibili ngesonto elizayo. IBafana izobhekana neMozambique ne-Angola phakathi kukaNovemba 17 no-20 eMbombela Stadium, eMpumalanga.
Nakuba uBroos ebize abadlali ajwayele ukubaqoka kodwa kukhona abadlali abasha okukhona kubona uTimm oqokwe njengomdlali ovelele wosuku ngesikhathi iPirates yehlula AmaZulu kowamanqamu weMTN8 ngempelasonto edlule.
Uthe kumfanele uTimm, oyibamba enkabeni yenkundla, ukudlalela iBafana.
"Kumfanele ngenxa yendlela adlale ngayo eqenjini lakhe emidlalweni yakamuva. Sibathungatha yonke indawo abadlali, udlale kahle kakhulu. Uyakwazi ukwakha amathuba okushaya amagoli. Lokho kubalulekile. Okubaluleke kakhulu ngaye wukuthi uyahlala endaweni ayidlalayo. Uyakwazi ukugcina indawo yakhe. Sekuphele izinyanga sibheka umdlali onjengaye. Uhlukile kulokhu esesikubonile.
“Akalilahli ibhola futhi uhlala ekhona phambi kodonga lwasemuva. Uyakwazi ukuphasa ibhola, akalimaki aqede lapho aphisane ngalo. Leli yithuba lakhe lokukhombisa ukuthi angawenza umsebenzi lapha. UTimm uyaya ebholeni, akalilindi lifike kuyena njengoba sihlala sibona abadlali belinda ibhola. Ngijabule ngaye," kusho uBroos.
Ezinyangeni ezedlule, uBroos, uzame abadlali abehlukene enkabeni yenkundla okukhona kubona uMothobi Mvala weMamelodi Sundowns, Thabang Monare wePirates noSibongiseni Mthethwa weStellenbosch.
Bonke usebalahlise okwenyongo yenyathi. Okuphawulekayo esikwatini sikaBroos wukubuya komdlali wasemuva uSiyanda Xulu odlala kwiTuran-Tovuk IK yase-Azerbaijan okuyizwe elingazelwa lutho ebholeni lomhlaba. Ezinyangeni ezedlule uBroos umshiye ngaphandle uXulu ngenxa yokuthi ubengenalo iqembu alidlalelayo.
"Anginandaba ukuthi uSiyanda udlala kuphi. Okubalalulekile wukuthi manje udlala imizuzu engu-90. Yebo, iligi adlala kuyona ayikho ezingeni eliphezulu kodwa okubalulekile wukuthi uyadlala manje futhi ngijabule ngendlela adlala ngayo. Angaba ngukaputeni futhi uyabasiza abadlali abasebancane," kusho uBroos.
Isikwati seBafana Bafana:
Onozinti: Ronwen Williams; Veli Mothwa; Melusi Buthelezi.
Emuva: Sydney Mobbie; Thibang Phete; Siyanda Xulu; Siyanda Msani; Rushine De Reuck; Thapelo Morena; Aubrey Modiba; Grant Kekana.
Esiswini: Miguel Timm; Njabulo Blom; Teboho Mokoena; Luke Le Roux; Monnapule Saleng.
Phambili: Khanyisa Mayo; Lyle Foster; Mihlali Mayambela; Fagrie Lakay; Themba Zwane; Zakhele Lepasa; Kgaogelo Sekgota.