Chippa United (2) 2
Kaizer Chiefs (0) 0
IKAIZER Chiefs iphinde yaphoxa izinkumbi zabalandeli bayo abebephume ngobuningi ukuzoyeseka eBuffalo City Stadium, e-East London, ibhaxatshulwa yiChippa United emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo ntambama.
Amagoli aqinisekise ukuthi iChippa ihamba nawo womathathu amaphuzu, avalelwe phakathi wuBienvenu Eva Nga noSinoxolo Kwayiba womabili angene ngesiwombe sokuqala, okungamagoli akhombise ubuthaka odongeni lwasemuva lweChiefs kulo mdlalo.
IChiefs ebibuya kwesinye isibhaxu sika 1-0 ebisithole kwiStellenbosch FC ngoLwesibili, beyize kulo mdlalo ngethemba lokubuyisa umgqigqo wayo oya ngokuya ulahleka.
Ngaphambi kwalokho beyilahle amanye amaphuzu ibambana ngo 0-0 neCape Town City ekuhambeni ngempelasonto yePhasika.
Okuqaphelekile esikimini seChiefs esiqale umdlalo yizinguquko esikimini emuva, esiswini naphambili.
Indawo kaSifiso Hlanti emuva ithathwe wuNjabulo Ngcobo, esiswini kwabuyela uYusuf Maart no-Edson Castillo, noMduduzi Mdantsane. Phambili kwaqala uRanga Chivaviro endaweni ka-Ashley Du Preez.
Nakuba iChiefs ibiqale ithembisa emizuzwini embalwa yokuqala kodwa iChippa yiyona ebe seyikhombisa ukuba yiqembu elingcono kuneChiefs ekuhlaseleni.
Ukuhlasela kweChippa kuthele izithelo ngomzuzu ka-25 u-Eva Nga engqomfela phakathi ngekhanda ibhola kade kuyibhola ebeliphonswe wuSirgio Kammies lathintwa ngekhanda wuJustice Chabalala labe selihlangana no-Eva Nga labhanjwa enethini.
Ukuthola igoli kweChippa kuyenze yavuka indlobane njengoba ibisingasiyinike thuba iChiefs iyihlasela, nokuthe ngomzuzu ka-29 unozinti weChiefs, uBruce Bvuma echilize ibhola elibi ebelishaywe wuKwayibo, kwaba yikhona.
Akuphelanga sikhathi esingakanani uKwayiba walilungisa iphutha lakhe, eshaya ingcwenga yegoli ngomzuzu ka-32 ngemuva komnyakazo omuhle obuphakathi kwakhe no-Eva Nga no-Ayabulela Konqobe kwaba ngu 2-0.
Ngesiwombe sesibili iChiefs ikhombise ukuba yiqembu elingcono kunangesiwombe sokuqala kodwa ayangakwazi ukwakha amathuba amaningi okushaya amagoli.
Umqeqeshi waleli qembu, uCavin Johnson wenze izinguquko ngesiwombe efaka uSiyethemba Sithebe noDu Preez ezindaweni zoMdantsane noPule Mmodi.
Kwathi ngomzuzu ka-71 uSithebe ongene nomnyakazo, wacishe watholela iChiefs igoli lokubika ngemuva kokuba ibhola lakhe elinzima livinjwe wunozinti weChippa, uDarren Johnson.
Ukuqhubeka kwaMakhosi nokulahla amaphuzu ngale ndlela kusho ukuya ngokuncipha kwamathuba ayo okuzibekisela indawo kwiTop 8 ekupheleni kwale sizini, nosekuphoqa ukuthi kule midlalo eyisikhombisa esele ibhukule, ukugwema ihlazo lokwehluleka lokungangeni kwTop 8.
Ngakolunye uhlangothi iChilli Boys eqeqeqeshwa wuThabo September, iya ngokuya ikhombisa ukuba yiqembu elingcono ngemuva kokungayiqali kahle le sizini. NgoLwesithathu olwedlule ibuye namaphuzu ishaya iCape Town Spurs ngo 2-0.