YIZE kuyisifiso sikaRhulani Mokwena ukuqeda isizini nezindebe ezine ekhabetheni, kodwa lo mqeqeshi weMamelodi Sundowns uthi uyakuqonda ukuthi kunzima kangakanani ukusifeza.
AmaBrazilians asevele anendebe entsha sha ye-African Football League, ayinqobe ngoNovemba eguqisa iWydad Athletic yaseMorocco kowamanqamu.
Asazihambela wodwa embangweni weDStv Premiership lapho eqhwakele khona kwi-log. Asengene kowandulela owamanqamu eCaf Champions League kanti namuhla ngo-7 ebusuku azotholana phezulu ne-University of Pretoria kuma-quarter-final eNedbank Cup eLucas Moripe Stadium.
Uma kungenzeka iSundowns igcine izithathile lezicoco ezisele ingaba yiqembu lokuqala ukuwola izindebe ezine ngesizini eyodwa selokhu kwaqala iPremier Soccer League.
“Kade sagcina ukufika kulesikhathi sesizini, sisalwela izindebe ezintathu. Thina njengabaholi kumele senze isiqiniseko sokuthi sisezingeni eliphezulu futhi sikhombise umfutho okufanele siwudlulisele kubadlali. Kuqala ngathi, kufanele sinikele kakhulu ngasekupheleni kwesizini.
“Yize kuyisifiso sethu (ukunqoba izindebe ezine) futhi kuyinto esibona ukuthi singakwazi ukuyenza, kunzima kakhulu. Kufanele uzibuze ukuthi ubani owake wakwenza phambilini.
“Ngisasemncane ngingakacabangi nokuqeqesha, ngiyakhumbula ukuthi iKaizer Chiefs eyayicijwa nguMuhsin Ertugral yayine-‘Operation Vat Alles” kodwa yahluleka ukuthatha iligi.
“Kwakuyiqembu eliqinile, elidlala ibhola elinenkosi phakathi. Lokho kukhombisa ukuthi kunzima kangakanani ukuzama ukuwina izindebe eziningi.
“Yingakho kufanele sigxile emdlalweni ngamunye, sizame ukuzifaka emzuliswaneni olandelayo kuyona yonke imiqhudelwano,” kusho uMokwena.
Ngesizini edlule ezikaMokwena zahluleka ukuvikela isicoco seNedbank Cup ezasinqoba ngo-2022, zidla iMarumo Gallants ngo 2-1 kowamanqamu.
Zaphuma kuwona ama-quarter-final, zikhishwa yiStellenbosch FC ngo 2-1.
Kule sizini zibhaxabule iNB La Masia ngo 6-1 kwiLast 32, zadlula ngo 2-0 kwiMaritzburg United kwiLast 16.
IPretoria University (AmaTuks) ake afinyelela kowamanqamu kulo mqhudelwano ngo-2009, anqotshwa yiMoroka Swallows ngo 1-0. Kulowo nyaka amangaza iningi ngokukhipha iKaizer Chiefs kwiLast 16.
Kuzobe kungokwesithathu kulandelana kule sizini edlala neqembu eligijima esigabeni esiphezulu kulo mqhudelwano. Akhiphe iCape Town Spurs ngo 1-0 kwiLast 32, anqoba iMoroka Swallows ngo 2-1 kwiLast 16.
“Sizongena emdlalweni ngenkulu inhlonipho ngoba sifuna ukuzibona sidlala kowandulela owamanqamu kulo mqhudelwano. Ukuze senze lokho kuzomele sisebenze kanzima.
“Kuzodingeka siqine kakhulu emabholeni amade futhi sibhekane nengcindezi eduze kwebhokisi lethu. Kufanele siqine futhi uma sibhekene nama-freekick namakhona,” kusho uMokwena.