KUKHONYE izikole ebezimele iNingizimu Afrika emqhudelwaneni weCosafa wokuhlungela iCaf African Schools Championship obuseLilongwe, eMalawi.
Emantombazaneni kunqobe isikole saseMgungundlovu, i-Edendale Technical High School, eqede iqhwakele kwi-log ngemuva kwemidlalo yamaqoqo.
Leli qembu belidinga iphuzu emdlalweni wokugcina ngoMsombuluko, labhaxabula iMothamo JSS yaseBotswana ngo 4-0.
UNobahle Mdelwa uthole indondo yokuba ngumshayimagoli ovelele njengoba ehlohle ayisikhombisa emidlalweni emine.
"Sithanda ukubonga iCosafa nabo bonke abaxhasi balo mqhudelwano. Benze into encomekayo ngokunika intsha leli thuba. Kubaluleke kakhulu ukuba nesisekelo esifanele futhi ukuthuthukisa abadlali abasebancane kungukhiye wayo yonke into empilweni," kusho umqeqeshi we-Edendale, uNtombifuthi Khumalo.
Ebafananeni kunqobe iClapham High School, eguqise iqembu lasekhaya, iSalima Secondary, ngo 1-0 kowamanqamu. Leli qembu lasePitoli belilale isibili eqoqweni lalo, labhudluza iRosinha yase-Angola ngo 6-0 kowandulela owamanqamu.
"Bese kunesikhathi sifisa ukuba nomqhudelwano wezikole okuleli zinga ngakho-ke siyayibonga iCosafa, abaxhasi nomengameli weCaf, uPatrice Motsepe ngokuthi bawenze ube yimpumelelo," kusho umqeqeshi weClapham, uJoel "Fire" Masilela.
"Siyazi ukuthi umsebenzi awukapheli njengoba sisazodlulela phambili. Sisazobagqugquzela abafana futhi sibalungiselele ukubhekana nezinye izikole ezihamba phambili kwizwekazi i-Afrika."
Ngokudla umhlanganiso kulo mqhudelwano isikole ngasinye sithole umklomelo wesamba semali esingama-dollar aseMelika angu-100 000, nokuyimali engaphezudlwana kuka-R1.8 million.
Azophinde amele isifunda seCosafa emqhudelwaneni ozohlanganisa ompetha bakwezinye izifunda ohlelelwe u-Ephreli ngonyaka ozayo.