UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, utuse umdlali wasemuva u-Olisa Ndah ngendlela afike wadlala ngayo ngesikhathi begingqa iMamelodi Sundowns kowamanqamu e-MTN8 nakuba bese kudlule isikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala.
UNdah ungene ngomzuzu ka-34 evala isikhala sikaNkosinathi Sibisi obelimele, wasebenza kanzima emuva evimba iSundowns ukuthi ingalitholi igoli. Usebenze kakhulu eshanela amabhola abehamba phansi aphinde akhiphe namaNye abeyingozi abeqhamuka emoyeni, ikakhulukazi ngesikhathi amaBhakabhaka ephambana nomoya obuvunguza enkundleni iMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Umdlalo uphele zibambene ngo 0-0 njengoba womabili amaqembu ehlulekile ukubhakuzisa inethi ngisho sekuyiwe esikhathini esengeziwe. Kuthe sekukhahlelwa amaphenathi iPirates yanqoba ngo 3-1 ngemuva kokuthi unozinti wayo, uSipho Chaine, evimbe amaphenathi amathathu kwamane akhahlelwe yiSundowns.
UNdah ungena kulo mdlalo nje ubengakaze adlale kusukela ngoFebhuwari ngenxa yokulimala edolweni. URiveiro uthe kumjabulisile ukumbona ekhumbuza abantu ukuthi usengumdlali osezingeni eliphezulu futhi ekwenza lokho emdlalweni onzima.
“Liyabonakala izinga lakhe, usekulungele ukudlala. Besinokungabaza phakathi nesonto ngoba bese kunesikhathi eside u-Olisa engadlali. Walimala, wabuya sibhekene neChiefs kowomkhaya (ngoFebhuwari) wangawuqeda lowo mdlalo ngendlela esasifisa ngayo.
“Emuva kwalokho waphinde walimala. Besisebenza kakhulu naye ukuze akulungele ukubuya. Usebenze ngokuzikhandla elungiselela le midlalo. Usewumqemane futhi kusobala ukuthi ukulungele ukudlala.”
Ngesikhathi uNdah egcina ukudlala kwiPirates, yayibhekene naMakhosi ngoFebhuwari 25, lapho umkhonto wakhe wagwaza khona ekhaya, ezikaMagebhula zahlulwa ngo 1-0.
Uthe akazange avumele leso sigameko ukuthi simphazamise isikhathi eside njengoba ebehlose ukugxila ekululameni ukuze abuye azolekelela iqembu.
Kuke kwaba namahlebezi okuthi ufunwa uthuli ngamaqembu athile aphesheya kwezilwandle kodwa uthe umqondo wakhe ubugxile kwiPirates.
“Okwenzeka kowomkhaya angigxilanga kukhona isikhathi eside. Bekungangikhathazi obekwenzeka ngaphandle ngoba bengikhathazeke kakhulu ngozakwethu, ngisebenza kanzima ukuze ngibuye ngamandla,” kusho uNdah.
“Angicabangi ukuthi ngike ngaba nengxoxo nosihlalo (Irvin Khoza) nanoma ngubani ehhovisi (ngokushiya iqembu). Empeleni usihlalo neqembu bebengigqugquzela kakhulu ngoba bebebuqonda ubunzima ebengibhekene nabo kusukela ngoFebhuwari. Bangeseka impela futhi angibanga nayo nemicabango yokushiya iqembu.”
Mayelana nokungena kowamanqamu esuka ebhentshini ezovala isikhala sikaSibisi, owalimala nanyakenye kowamanqamu e-MNTN8, uNdah uthe isethembiso asenze kuzakwabo sibe ngenye yezinto ezimqinisile enkundleni.
“Sibanga izindawo eqenjini kodwa ngendlela enhle. Angicabangi ukuthi sike sithandazele ukuthi kube khona okubi okwenzeka komunye wethu. Ngesikhathi uSibisi ephuma enkundleni ngimtshelile ukuthi sizomnqobela le ndebe. Sekungokwesibili kulandelana lokhu okwenzeka kuyena kowamanqamu e-MTN8 ngakho bekumele simlwele, silwele nabalandeli,” uchaze kanje.
Ukubuya kukaNdah kuchaza ukuthi usazophathwa yikhanda uRiveiro uma sekufanele abophele izitobha ezidlala maphakathi emuva njengoba kumele akhethe phakathi kwakhe, uSibisi, uTapelo Xoki noSandile Mthethwa uma bonke bekulungele ukudlala.