LIQALE phansi ukuhlupha iqakala likaLebohang Manyama, obekwethenjwa ukuthi maduze uzosayina kwiCape Town City, emthathe iyomelapha emuva kokuhlukana neKaizer Chiefs.
Ngasekupheleni kukaSepthemba, uComitis udalule ukuthi sekuyoba ngozi makhaza kulo mdlali waseSoweto.
Kepha kuleli sonto, utshele Isolezwe ngeSonto, ukuthi: “Eyi! indaba yeqakala likaManyama iyinkinga. Seliqale phansi ukumhlupha. Ngikhuluma nawe nje akasekho lapha eCape Town, usephindele eGoli lapho elashwa khona. Umthungo wakhe oseqakaleni bese uphola. Kulokhu angazi ukuthi kwenzekeni. Thina sesizozwa ngaye uma eseluleme. u Ngeke simjahe, sifuna aphole kahle.”
Inkinga yokuhlushwa yiqakala kwalo mdlali waseswini, iqine efika ngo-2018 kwiChiefs ebuya kwiKonyaspor, yaseTurkey.
Ngesizini edlule limhluphe kakhulu okuphethe ngokuthi agcine edlale kawu-10 kuphela kweyeDStv Premiership, nowodwa weNedbank Cup.
Lokhu kungadlali kuholele ekutheni abe sohlwini lwabadlali abakhonjwa indlela ePhefeni. Phezu kokuba wonke umuntu ubazi ukuthi uManyama uhlushwa yiqakala kodwa uComitis umthathile wayolashwa eKapa, ngenhloso yokuthi bazomsayinisa uma elulama.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesizini ka-2016/17 uManyama esadlala kwiCity wagila izimanga wanqoba neLesley Manyathela Golden Boot, PSL Footballer of the Season nowe-Absa Premiership Player's Player of Season.
Ubengukaputeni benqoba iTelkom Knockout ngo-2016. Ngaphambi kokuqala kwekhefu leNdebe yoMhlaba, uDiogo Peral oyiphini lika-Eric Tinkler, ekucijeni amaCitizens, ucashunwe uthi siyathembisa isimo salo mdlali.