AMAGAMA abagadli abathinteka embangweni weLesley Manyathela Golden Boot Award yePremier Soccer League (PSL) kule sizini akhomba ukuthi akusiyena umgadli weMamelodi Sundowns, uPeter Shalulile ozobe egiya.
UShalulile usekhonye kulo mklomelo amahlandla amathathu kumasizini amane adlule.
Nakuba kusenzima ukugagula igama lo mgadli ozogoduka nalesi sicathulo segolide kwazise bahlanu abasigaqele, okusobala ngalo mbango ukuthi kuzokuba nomakhonya omusha ngoba lolu nyazi lwaseNamibia ngeke lube ingxenye yombango.
Emidlalweni yeligi engu-13 uShalulile, obehlushwa wukulimala kule sizini, usayibhakuzise amahlandla amane inethi kwiDStv Premiership.
UShalulile (30) udle lo mklomelo okokuqala ngesizini ka-2019/2020 lapho eshaye khona amagoli angu-16 esadlalela iHighlands Park.
Kudlule isizini eyodwa wakuphinda lokho eseshaya angu-23 kwiSundowns ngesizini ka-2021/2022.
Ngesizini edlule kube uyena futhi lo mgadli odle umhlanganiso kodwa umklomelo wawuhlukaniselana, noKhanyiso Mayo, weCape Town City abebambene naye ngamagoli awu-12.
Ukuphazanyiswa ukulimala kukaShalulile kule sizini kuvulele uzakwabo kwiSundowns, uLucas Ribeiro, noTshegofatso Mabasa, we-Orlando Pirates ithuba lokuziqophela owabo umlando.
URibeiro waseBrazil ongeyena ngisho umgadli uzihola phambili ngamagoli angu-10 emidlalweni yeligi engu-13. Umiswe kabi uMabasa naye ona-10 kwengu-19.
Nakuba konke kubukeka kuvuna uRibeiro noMabasa ukuthi baqophisane ngokushaya amagoli kule midlalo yeligi esele, awuvaliwe umnyango, kuMayo weCity, Bradley Grobler, weSuperSport United, no-Iqraam Rayners, weStellenbosch FC.
UMayo unamagoli ayisishiyagalolunye kweyeligi engu-21.
Emhlane wakhe kubelethe uGrobler, odle lo mklomelo ngokuhlohla awu-16 ngo-2020/2021, noRayners bobabili abanayisishiyagalombili.
UGrobler noRayners badlale eyeligi engu-19 nengu-20 yeligi ngokwahlukana kule sizini.
Lezi zinombolo zenza kubenzima ukusho ukuthi uyena muphi kulaba bagadli ozophumuza uShalulile ekuqukuleni lesi sicathulo segolide.
Amagoli kaMabasa okuqala ayisithupha kule sizini uwashaye ngesikhathi iPirates imbolekise kwiMoroka Swallows esiwombeni sokuqala sesizini.
Kusukela ebuyile kwiBucs ngoJanuwari emuva kwezinxushunxushu zemali kwiSwallows useshaye amane eligi namathathu eNedbank Cup.
“Maningi amathuba okuthi aqhubeke nokushaya amagoli uMabasa ngoba unezindlela eziningi zokudlala ezenza iPirates ibukeke kumbe idlale kangcono,” kusho umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro, kwabezindaba ngemuva kokuthi lo mgadli eqhulule amagoli amathathu bebhudluza iLamontville Golden Arrows ngo 7-1.
Kubukeka sekungaba wumlingo ongenza laba bagadli abasembangweni bafike kumagoli angu-20 okugcine ukwenziwa uShalulile ngesizini ka-2021/2022.