KUBANJWE umoya eChloorkop ngokululama kwesilomo seMamelodi Sundowns, uLucas Ribeiro, waseBrazil okhishwe ngemizuzu yokuqala yomdlalo waleli qembu weCaf Champions League ngempelasonto.
ISundowns nokho ayibanga nankinga yokugcina iyihlule ngo 2-0 iBumamuru FC yaseBurundi emdlalweni womlenze wesibili womzuliswano wesibili wokuhlungela amaqoqo alo mqhudelwano.
Ibiqedela umsebenzi njengoba yayivulele isibhaxu sika 4-0 ekuhambeni emlenzeni wokuqala.
URibeiro okunguyena ohamba phambili ngokushaywa kwamagoli kwiSundowns kule sizini ka-2023/2024, ulimala nje, leli qembu liyamdinga kowamanqamu weMTN8 elizowudlala ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo ngo-6 ntambama eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Adayiswe aphela amathikithi alo mdlalo esikhathini esingamahora awu-18.
Ngesikhathi ebuzwa ngesimo salo mgadli esithangamini nabezindaba, umqeqeshi weSundowns, uRhulani Mokwena, uthe, okuzoshiwo odokotela beqembu ikhona okuzohlahla indlela.
“Nakuba ngingacabangi ukuthi isimo esibucayi kodwa okwamanje asinike odokotela beqembu ithuba lokuzidelisa ngokumxilonga okuzolandelwa isinqumo,” kusho uMokwena.
Lo mqeqeshi ongayazi induku koweligi ezinyangeni ezingu-12 ezedlule, uzwakalise ukweneliseka ngakunikwa abadlali bakhe kuyona yonke imiqhudelwano abayingxenye yayo.
“Indlela yokwenza noma iliphi iqembu libengcono ukuziqeqesha kodwa asikho leso sikhathi ngenxa yokuthothana kwemidlalo. Ngeke ngikufihle ukuthi ngijabule ngekhefu lemidlalo yeFifa elizayo ngoba kulapho sizothola khona ithuba lokuziqeqesha sifunde nokunye okuningi esingalitholi ithuba lokugxila kukhona.
“Alikho iqembu elingenasici ngakho-ke siyazi ukuthi kukhona lapho sisengakhula khona ikakhulukazi kubadlali baphambilini nalaba abasebancane kodwa abanethalente elimangalisayo njengoMaseko (Thapelo).
“Ukunikela kwami ngesikhathi sami ngibuke lonke ibhola elikhona emhlabeni akulona ize ngoba engikufunda lapho bakwamukela ngentshisekelo abadlali bami bakuzame uma ngikufaka kubona.
“Kukhona nendaba yokulinyalelwa okwenza kuhlale kusemqondweni wami ukuthi umvikela kanjani uPeter (Shalulile) ohlale ekakwe izitobha,” kuphetha uMokwena.
ISundowns izohamba nomakhelwane bayo iSuperSport United kweyamaqoqo yeCaf. I-United izibekisele indawo kowamaqoqo eConfederation Cup kulandela ukunqoba ngo 4-1 iGaborone United sekuhlanganiswe yomibili eyokuhlunga kwiConfederation Cup.
IPirates ikhishwe iJwaneng Galaxy yaseBotswana ngo 5-4 wamaphenathi kwiChampions Laegue.