UNYAKA ophelayo bewumuhle ebholeni labesifazane eNingizimu Afrika njengoba iqembu lesizwe liqophe umlando ngokuba ngompetha bezwekwazi i-Afrika. Ezingeni lamaqembu iMamelodi Sundowns Ladies iqhubekile nokuba ngelinye lamaqembu ahamba phambili.
IBanyana Banyana:
Iwuqale ngebatha unyaka ngesikhathi ishaywa yiZambia ngo 3-0 emdlalweni wobungani ngoFebhuwari, okwenze kwaba nokungabaza ngaphambi kwemidlalo yokuhlungela iWomen’s Africa Cup of Nations (Wafcon) ebizowudlala ne-Algeria enyangeni efanayo.
Kuthe sekuhlungwa, iBanyana yanqoba ngo 2-0 ekhaya, ngaphambi kokudlala ngokulingana ngo 1-1 ekuhambeni, yanqoba ngo 3-1 sekuhlanganiswa imilenze yomibili.
Lo mphumela yiwona oweze ezikaDesiree Ellis, zaba ngelinye lamaqembu azobanga isicoco seWafcon eMorocco ngoJulayi.
Kulo mqhudelwano elakuleli liqale eyamaqoqo eWafcon ngendlela encomekayo, liguqisa izitha ezinkulu iNigeria emdlalweni wokuqala wamaqoqo.
IBanyana ilandelise ngokwehlula neBotswana, yaqeda iqhwakele eqoqweni. Emidlalweni yomkhumulajezi idlule kwiTunisia ngo 1-0 nakwiZambia ngamagoli afanayo, yafinyelela kowamanqamu.
Iqembu lakuleli lidle isicoco seWafcon okokuqala ngqa ngoJulayi 23 ngesikhathi lithela phansi osokhaya iMorocco ngo 2-1 ePrince Moulay Abdellah Stadium, eRabat. UHildah Magaia ube yiqhawe ngokushaya amagoli amabili esiwombeni sesibili.
Ngo-Agasti iqembu ebelibunjwe ngabadlali abancane liqale imidlalo yeCosafa Women’s Cup eGqeberha lapho lifinyelele kowamanqamu. Kodwa kaliyithathanga indebe ngenxa yokuguqiswa yiZambia ngo 1-0 esikhathini esengeziwe.
Ngokungena kowandulela owamanqamu eWafcon, iBanyana iphinde yazibekisela indawo kwiFifa Women’s World Cup. Iqhathwe neSweden, Italy ne-Argentina kwiGroup G kulo mqhudelwano ozodlalelwa e-Australia naseNew Zealand ngoJulayi wonyaka ozayo.
Imidlalo emine yobungani abayidlalile namaqembu aphesheya nonyaka ikhombise ukuthi usemkhulu umsebenzi okumele wenziwe ukuze balungele ukugadulisana namaqembu ahamba phambili emhlabeni.
Ngo-Ephreli, iBanyana ixetshulwe yiNetherlands ngo 5-1 phesheya, ngoSepthemba yabhudluzwa yiBrazil ngo 3-0 eGoli nango 6-0 eThekwini, kwathi ngo-Okthoba yashaywa yi-Australia ngo 4-1 eLondon.
Champions League:
IMamelodi Sundowns Ladies iqhubekile nokumela iNingizimu Afrika emqhudelwaneni weCosafa, wokuhlungela iCaf Women’s Champions League obuseThekwini ngo-Agasti.
Kodwa ayikwazanga ukuvikela isicoco eyayisinqobe ngonyaka odlule ngenxa yokuthi iguqiswe yiGreen Buffaloes yaseZambia ngo 6-5 sekukhahlelwa amaphenathi eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.
Njengoba ibiyiqembu ebelivikela isicoco seChampions League, iSundowns ibisivele izibekisele indawo kulo mqhudelwano, yabe isijoyinwa ngompetha abasha beCosafa, iGreen Buffaloes.
AmaSandawana aphinde enza kahle kwiChampions League ebidlalelwa eMorocco, kusukela ngo-Okthoba kuya kuNovemba, afinyelela kowamanqamu.
Ahlulekile ukuvikela lesi sicoco ethelwa phansi yiqembu lasekhaya, i-AS Far, ngo 4-0.
Hollywoodbets Super League:
Isicoco iSundowns Ladies engabanga nankinga yokusivikela ngeseHollywoodbets Super League, esisinqobe amasizini amathathu elandelana.
Kule sizini iqede esicongweni ngamaphuzu angu-82 emidlalweni engu-30. Inqobe engu-27, yadlala ngokulingana kowodwa, yahlulwa kwemibili.
Indawo yesibili ithathwe yi-University of Western Cape ngamaphuzu angu-68, kwathi iTshwane University yalala isithathu ngangu-65.
Amaqembu amabili agawulwe yizembe, yiTsunami Queens yaseFree State, eqede emsileni ngamaphuzu angu-10 neGolden Ladies yaseNorth West, elale endaweni ka-15 ngamaphuzu angu-13.
La maqembu womabili azokwehlela kwiSasol League ngesizini ezayo.
Sasol League:
Le ligi edlalwa ezifundazweni eziyisishiyagalolunye zakuleli, nayo ibe nesizini eyimpumelelo. ILindelani Ladies iqhwakele kwiStream A KwaZulu-Natal (KZN) kwathi iSunflower Ladies yakhonya kwiStream B.
ILindelani igcine ingompetha baseKZN ngokudla iSunflower ngo 3-1 emilenzeni emibili, yaya komela isifundazwe kwiSasol National Championships.
Kulo mqhudelwano oba seLimpopo ngo-Okthoba, ibibhekene nompetha bakwezinye izifundazwe, yaphelela kowandulela owamanqamu ishaywa yi-University of Pretoria ngo 4-2.
ICopperbelt Ladies yaseLimpopo idle isicoco seSasol National Championship ngokuthela phansi i-University of Pretoria ngo 3-2 sekukhahlelwa amaphenathi kowamanqamu.
Womabili la maqembu azodlala esigabeni esiphezulu, iHollywoodbets Super League, ngesizini ezayo.