Sibusiso Mdlalose
NAKUBA iPortugal ingabalwa kugcwale emazweni abhekwe ekunqobeni i-2022 Fifa World Cup ukugaba ngabadlali beqophelo lomhlaba kuyinika isithunzi sokuthi ingasali ngaphandle engxoxweni yezimfivilithi.
Eqhulwini labadlali bayo beqophelo kugijima inkalimeva yomgadli uCristiano Ronaldo, osezuze ebholeni ngaphandle kweNdebe yoMhlaba.
URonaldo uneminyaka engu-37 nokukhomba ukuthi uzodlala okokugcina eNdebeni yoMhlaba.
Okubi-ke abhekene nakho wukuthi iPortugal ibalwa namazwe angenawo umlando wokunqoba iWorld Cup.
Kusukela yazibekisela okokuqala indawo kulo mqhudelwano ngo-1966, isafinyelele kabili kuphela kowandulela owamanqamu, okwaba ngu-1966 no-2006.
Ubekhona uRonaldo ngo-2006 kodwa uhlulekile ukusiza izwe lakhe lenze kangcono ngo-2010, ngo-2014 nango-2018 liphuma ekuseni.
Nokho indlela enqobe ngayi i-Uefa European Championship (Euro) ngo-2016 iyidla okokuqala emlandweni, kuyifaka ohlwini lwamazwe angaqhamuka kungazelelwe eQatar.
IPortugal ekleliswe endaweni yesishiyagalolunye emhlabeni ngokwezilinganiso ze-Fifa, iqhathwe eqoqweni H neGhana, i-Uruguay neSouth Korea.
Izovula neGhana ngoNovemba 24.
Abadlali abaqavile:
URonaldo (37), ungumgadli nokaputeni waleli qembu lasePortugal, ungomunye wabadlali asebemnkantshubomvu kuleli qembu lesizwe futhi okubhekwe amangwevu namava abo ekulithwaleni kwiWorld Cup yakulo nyaka.
Uphethe irekhodi lokushayela iPortugal amagoli angu-117 nokuyirekhodi esigabeni samaqembu amazwe.
Abanye abadlali ababhekiwe nguBruno Fernandes, uBernardo Silva, uRuben Neves, uDanilo Pereira noPepe okunguyena mdlali omdala kunabo bonke njengamanje kuleli qembu.
Umqeqeshi:
UFernando Santos (68) othathe izintambo zokuqeqesha iPortugal ngo-2014, useyinqobele izicoco ezimbili, okungese-Uefa European Championship (Euro) nese-Uefa Nations League.