YIZE uhambo lweBanyana Banyana oluya phesheya ukuyobamba iqhaza kwiTurkish Women’s Cup lusengcupheni kodwa umqeqeshi uDesiree Ellis useliqokile iqembu ahlose ukulisebenzisa.
Lo mqhudelwano kulindeleke udlalelwe eTurkey kusukela ngoMsombuluko ozayo kuze kube ngumhla ka-23 kwephezulu.
Nokho ungase ubhuntshe noma uhlehliswe ngenxa yokuzamazama komhlaba eTurkey kusukela izolo.
Uma umqhudelwano uqhubeka iBanyana izozwana amandla nosokhaya, Uzbekistan neVenezuela.
Iqembu labadlali abangu-26 ligcwele abadlali abagijima kwiHollywoodbets Super League. Bayisikhombisa kuphela ababiziwe abadlalela amaqembu aphesheya.
Ompetha beSuper League, iMamelodi Sundowns Ladies, yilona qembu elinabadlali abaningi esikwatini, bayisikhombisa. I-University of Western Cape iyalandela ngabahlanu.
U-Ellis uthe balinde iziphathimandla ukuthi zibazise ngokuzokwenzeka ngomqhudelwano kodwa bazoqhubeka nokuwulungiselela kuze kuphume izwi eliqondile.
"Ngithanda ukudlulisa amazwi enduduzo kubantu baseTurkey naseSyria ngemuva kokuzamazama komhlaba okusanda kwenzeka. Siphinde saxhumana noLetago Madiba noRachel Sebati (abadlali bakuleli abazinze eTurkey) sathola ukuthi baphephile njengoba indawo abakuyona ingathintekanga," kusho u-Ellis.
"Silinde ehhovisi lenxusa laseNingizimu Afrika eliseTurkey nabahleli ukuthi basinike imininingwane ephelele mayelana nesimo nangomqhudelwano. Okwamanje sisazoqhubeka namalungiselelo."
IBanyana ilungiselela ukumela i-Afrika okwesibili kwiFifa Women’s World Cup ezosingathwa ngokuhlanganyela yi-Australia neNew Zealand kusuka ngoJulayi kuya ku-Agasti.
Kulo mqhudelwano ezika-Ellis ziqhathwe neSweden, Italy ne-Argentina.
Iqembu leBanyana Banyana elilungiselela iTurkish Women’s Cup:
Onozinti - Andile Dlamini, Regirl Ngobeni, Kayln Swart, Katlego Moletsane.
Izitobha - Asanda Hadebe, Karabo Dhlamini, Fikile Magama, Faith Owusu, Tiisetso Makhubela, Noko Matlou, Bambanani Mbane, Bongeka Gamede.
Esiswini - Refiloe Jane, Sibulele Holweni, Linda Motlhalo, Kholosa Biyana, Thalea Smidt, Robyn Moodaly, Amogelang Motau.
Abagadli - Noxolo Cesane, Gabriela Salgado, Jermaine Seoposenwe, Melinda Kgadiete, Nthabiseng Majiya, Hilda Magaia, Lelona Daweti.