UMINCISWE yisimo sabadlali ababili beMamelodi Sundowns umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, obekhuluma nabezindaba izolo, ngosuku okuqale ngalo ikhempu yaleli qembu lesizwe.
IBafana iqale amalungiselelo yemidlalo emibili emqoka yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 ezokuba se-United States of America (USA), Mexico naseCanada.
IBafana izokwamukela iBenin kowokuqala ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngaphambi kokudlulela eRwanda ngoLwesibili oluzayo.
UBroos obelokhu ebalule njalo ubumqoka bokungalokothi baqale ngebatha kule midlalo yokuhlunga, uveze ukuthi ubambe umoya ngokuzovela emuva kokuhlolwa odokotela kukaGrant Kekana noThapelo Maseko, bobabili beSundowns.
Laba badlali basize iSundowns idla isicoco se-African Football League (AFL) ngeSonto kodwa ngokwenkulumo yalo mqeqeshi yayizolo ntambama, ePitoli, kungenzeka bangabibikho bobabili kule midlalo okuyinto ayichaze njengezomphazamisa.
"Sinenkinga yokuthinteka kukaMaseko noKekana engingeke ngikufihle ukuthi akungihleli kahle kodwa sizolinda umbiko wodokotela ngesimo sabo kuqala, bese kuba ima sinquma ngesizokwenza," kusho uBroos.
Lo mqeqeshi waseBelgium ucele abezindaba ukuba bangambuzi ukuthi uzozivala ngobani izikhala zabo uma kufanele ngoba naye akakazi.
"Ngiyafisa ukuthi laba badlali baqhubeke nathi kule khempu ukuze singeke siphazamiseke njengangokudlule kodwa futhi ngeke ngikufihle ukuthi ingimincisile indaba yalaba badlali," kusho uBroos.
Omunye umdlali osehoxile ekhempini yeBafana ngenxa yokulimala, uLebo Mothiba indawo yakhe yathathwa u-Evidence Makgopa we-Orlando Pirates.
Ngaphandle kokuhalalisela iSundowns ngokudla i-AFL, uBroos ukhumbuze abantu bakuleli nabadlali bakhe ngobumqoka bokuqala kahle kule midlalo.
"Imqoka kakhulu le khempu kodwa futhi inzima kimina ngoba eyeNdebe yoMhlaba osekuneminyaka ngigcine ukufaka iqembu lesizwe kuyona.
"Ngeke kubelula kuyona yomibili le midlalo kodwa futhi asinawo uphawini wokuqala ngokulandela ngemuva kumbe sivume ukwehlulwa kunoma imuphi ngoba lokhu kungasikhubaza endleleni yethu.
"IBenin neRwanda amaqembu esizwe anzima okufakazelwa imiphumela yawo yakamuva ebhekene namazwe athathwa njengamakhulu kulona lonke izwekazi. Nakuba kunjalo kodwa kufanele siye kule midlalo ngokuzethemba.
"Yize kungazange kuhambe ngendlela ebesifisa ngayo kweminye yemidlalo yethu yakamuva, kufanele siye kule midlalo sihambela phezulu ngoba sibuswa umphumela esibuye nawo eLiberia nesiwuthole sibhekene neMorocco," kuphetha uBroos.