UBONGA ukuthi konke kusesezandleni zabo ngaphambi komdlalo wokugcina wamaqoqo weNdebe yoMhlaba yeT20 neBangladesh, umdlali weqembu lakuleli lekhilikithi labesifazane, uLaura Wolvaardt.
AmaProteas azobhekana neBangladesh eNewlands Cricket Ground, eKapa, ngo-7 kusihlwa, azi ukuthi adinga ukuwunqoba lo mdlalo ukuze afinyelele kowandulela owamanqamu.
Iqembu lakuleli lihlulwe yiSri Lanka kowokuvula wamaqoqo, lavuka lazithatha labhaxabula iNew Zealand, ngaphambi kokushaywa ngompetha i-Australia kowesithathu.
Amathemba alo okudlulela esigabeni somkhumulajezi avuseleleke ngesikhathi iNew Zealand inenebula iSri Lanka ngama-run angu-102 ngeSonto.
I-Australia iqhwakele kuGroup 1 ngamaphuzu ayisishiyagalombili ngemuva kokuyinqoba yonke imidlalo yamaqoqo futhi isizibekisele indawo kowandulela owamanqamu.
INew Zealand neSri Lanka banamaphuzu amane iqembu ngalinye ngemuva kwemidlalo yabo emine kodwa amaWhite Ferns yiwona asendaweni yesibili ngenxa yokuba nama-runs athe xaxa.
AmaProteas asendaweni yesine ngamaphuzu amabili kodwa uma engadla iBangladesh azogxumela endaweni yesibili njengoba enesibalo esiphezulu sama-run.
"Ngicabanga ukuthi sinenhlanhla enkulu ngokuba kulesi simo sokwazi ukuthi sisanethuba lokungena kowandulela owamanqamu. Kusobala ukuthi umdlalo obalulekile kithina futhi sizozama ukukubeka emiqondweni lokho sigxile kulokhu okumele sikwenze,” kusho uWolvaardt.
"Umdlalo wokugcina awuhambanga ngendlela ebesifisa ngayo kodwa sisazoqhubeka nokunamathela ezinhlelweni zethu. Ngiyethemba ukuthi kulokhu sizodlala ngendlela esifuna ukudlala ngayo."
U-Wolvaardt uthe ukudlala le Ndebe yoMhlaba ekhaya akulifaki iqembu ngaphansi kwengcindezi engabekezeleki futhi bakuthokozele ukwesekwa yimindeni, abangani nabantu baseNingizimu Afrika.
"Angicabangi ukuthi ingcindezi inkulu kakhulu, empeleni ngibona ukuthi ukudlalela ekhaya kusisizile. Bekumnandi ukuba senkundleni ngenxa yokwesekwa esikutholile emidlalweni yethu," usho kanje.
"Ukuba nezinkulungwane zabalandeli ezijabula nathi uma sishaya ama-run noma sithatha amawikhethi kusho lukhulu.
"Kuyiqiniso ukuthi ikhona ingcindezi uma udlalela ekhaya kodwa ngokwami kungithokozise kakhulu ukudlala phambi komndeni wami nabangani," uphethe kanje.