Umdlali wasesiswini kwiKaizer Chiefs, uSibongiseni “Ox” Mthethwa, uyayivuma ingcindezi eqenjini alijoyine ekuqaleni kwesizini.
Kumanje iqembu livivela ukubuyela emshikashikeni womzuliswano wesibili wesizini yeDStv Premiership.
UMthethwa (29) odabuka eMvundlwini, eMtshezi, ujoyine iChiefs ekupheleni kukaSepthemba esuka kwiStellenbosch FC. Ufike ethwelwe ngeqoma ngabalandeli beChiefs njengomdlali ozosivala khaxa isikhala sikaWillard Katsande, obeyinjini yasesiswini emasizinini ambalwa edlule.
Nokho uMthethwa, osedlale imidlalo ewu-10 kuyo yonke imiqhudelwano yeChiefs kule sizini, akakafiki efomini abekade aziwa ngayo kwiStellies, lapho abeyidovoya esiswini kuthule umoya.
Lokhu sekwenze abanye abalandeli baMakhosi baqala ukushaya amakhala ukuthi ngabe umdlali ukulungele ngempela yini ukuba yisethenjwa seqembu elinengcindezi yokuqeda isikhwakhwalala seminyaka sokunganqobi izicoco.
Kumanje amaKhosi asekhefini njengawo wonke amaqembu ePremier Soccer League(PSL), ngenxa yemidlalo ye-Africa Cup of Nations (Afcon) eqhubekayo e-Ivory Coast. Azobuyela ensimini ngomdlalo omqoka neTS Galaxy ngoFebhuwari 13, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
“Leli khefu le-Afcon lingisizile ngokuthi ngazi ukuthi izinto zenziwa kanjani lapha kwiChiefs. Leli khefu esinalo ngokwami ngilifanisa nekhempu yokulungiselela ukuqala kwesizini ngoba angibanga nalo ithuba lokuhlangana nozakwethu eqenjini ekulungiseleleni ukuqala kwesizini. Njengamanje sengibazi kangcono ozakwethu. Selisisize kakhulu (ikhefu) ekuqiniseni ubudlelwano njengeqembu,” kuchaza uMthethwa.
Uyayivuma ingcindezi yokudlalela iChiefs kodwa uthi lokho akakuthathi njengesithiyo esingamphazamisa ezinhlosweni zakhe njengomdlali osuka eqenjini elithathwa njengelincane. Uthi uyazi ukuthi uhlalelwe yijoka lokuzakhela ugazi kubalandeli bezingqungqulu zaseSoweto.
“Yebo, kunengcindezi lapha ngoba yiqembu elikhulu leli elinabalandeli abaningi abahlale belangazelele ukulibona lizuza izindebe. Kodwa leyo ngcindezi angiyithathi njengento engangiphazamisa ekudlaleni ngendlela engiyaziyo.
“Eqinisweni nje, ingcindezi ikhona kuyo yonke indawo noma ngabe udlala kuliphi iqembu uzothola ingcindezi ngoba kuhlale kulindelwe okuthile ngaso sonke isikhathi ngokwehlukana kwamaqembu,” kuqhuba uMthethwa ongomunye wabadlali beBafana Bafana okucushwe ngabo kwi-Afcon eqhubekayo, e-Ivory Coast.
Amakhosi asendaweni yesithupha kwi-log yePremiership ngaphansi komqeqeshi osabambile uCavin Johnson. Kuyiwe ekhefini le-Afcon eseqala ukubamba umgqigqo ngokunqoba imidlalo emithathu ilandelana, adlala ngokulingana ngo 1-1 kowokugcina neSekhukhune ngoDisemba 30.
“Sizimisele ngokuqhubeka nomgqigqo esiqede ngawo unyaka odlule. sinqobe imidlalo. Inhloso enkulu kusukela manje uma sibuyela ensimini wukuthi silwele ukuba semaqenjini amathathu aphezulu kwi-log.
“Sikwazile ukuthola ithuba lokulungisa amaphutha nokuzilungiselela ngesikhathi sekhefu. Ngakho-ke kufanele senze isiqiniseko sokuqhubeka lapho sigcine khona ekupheleni konyaka,” kuphetha uMthethwa.