Moroka Swallows (0) 2
Mamelodi Sundowns (1) 2
IMAMELODI Sundowns iyeke ithuba lokusheshisa ukuqeda umsebenzi wokuvikela isicoco seDStv Premiership icazelana ngamaphuzu neMoroka Swallows ngoMsombuluko ebusuku eDobsonville Stadium, eSoweto.
Ukunqoba kweSundowns bekuzoyenzela izinto zibe lula kwiligi kwazise ngoLwesibili izobhekisa amabombo kwelaseTunisia lapho iyodlala khona owomlenze wokuqala owandulela amanqamu weCaf Champions League ne-Esperance Sportive de Tunis ngoMgqibelo.
Inkundla ivulwe udalimede weshodi likaTebogo Mokoena, ongazange asiqede isiwombe sokuqala ngenxa yokudonseka umsipha.
Kube uMarcelo Allende ovalele phakathi elesibili kwesesibili isiwombe.
Kucace zisuka ukuthi iSwallows ibizimisele ukuma emuva bese yamukela ukuthi izolandela izithunzi okufakazelwa ukuthi siqale saze saphela isiwombe sokuqala engakaze asebenze, uRonwen Williams, obevimbele iSundowns.
Nakuba iSundowns ibifika kulandelana ezintini zikaDaniel Akpeyi obevimbele iSwallows kodwa ibihluleka ukubhakuzisa inethi kwaze kwaba umzuzu ka-37 lapho uMokoena eshaye khona inguzunga yeshodi adume ngawo.
Isiwombe sesibili sivulwe u-Allende ngegoli elishayise esandleni kuKwanda Mngonyama, okudide u-Akpeyi.
Kube sengathi liyayiphaphamisa iSwallows leli goli kwazise u-Augustine Mahlonoko uyinike ithemba ngomzuzu ka-57 kade kuyi-freekick edaleke kuDevine Lunga.
Ngokubona ukuthi iSwallows isiwakhuphulile amasokisi, uRhulani Mokwena, ukhiphe uLucas Ribeiro no-Allende ezindaweni zabo wafaka uNeo Maema noThapelo Morena, oyeke ithuba ebelizokhulula iSundowns esanda kungena.
USiyabonga Mabena noTashreeq Mathews, bathole ukuzwa umdlalo seziyela ngasemaphethelweni ngaphambi kokusuka kothuthuva ngesikhathi kuqalwa ngokuphikwa kwaphinde kwavunywa igoli likaGabadinho Mhango alishaye ngoka-84.