UKUHOXA kwabadlali ngezizathu ezahlukene kwiBafana Bafana kuphoqe umqeqeshi wale liqembu lesizwe, uHugo Broos ukubuyela kubadlali abebabeke eceleni njengoba lizodlala eyobungani.
IBafana ifulathele iNingizimu Afrika ngeSonto ibhekise amabombo kwelase-Algeria lapho iyoba khona yingxenye yemidlalo yobungani ehlelwe iFifa.
Izokwenza lokhu ngaphandle kwabadlali ababili uBroos abefisa ukuhamba nabo kodwa ngenxa yokwahlukana kwezinkinga, lokhu ngeke kusenzeka.
Izingqinamba ngokufulathela elaseRomania ziholele ekutheni, uSiyabonga Ngezana angabe esakwazi ukuba ingxenye yale midlalo.
Omunye ohoxile uSiphephelo “Yaya” Sithole odlala ePortugal. USithole ubengomunye wabadlali beBafana abagqamile kwi-Africa Cup of Nations, usehoxile eqenjini ngenxa yokulimala.
Izindawo zalaba badlali zivalwe ngoThabang Monare noSiyanda Xulu, bobabili abebeyingxenye yeBafana elale isithathu kwi-Afcon 2023 ebise-Ivory Coast.
Ngesikhathi ememzela lesi sikwati ngeledlule uBroos ukhulume kabanzi ngokusala ngaphandle koMonare noXulu kulesi sikwati esizobhekana ne-Andorra e-19 May 1956 Stadium, e-Algeria.
Njengoba uBroos ezosebenzisa le midlalo ukucijela ukuqhubeka kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba, uthe oMonare (34) noXulu (32) ubashiya ngaphandle ngoba uyazi ukuthi ngeke babe yingxenye yeqembu lesizwe ngo-2026 okuwunyaka weNdebe yoMhlaba.
NgeSonto iSouth African Football Association (Safa) ikhiphe isitatimende esincane ebesithi: “USiyanda Xulu noThabang Monare, bazovala izikhala zikaSiphephelo Sithole noSiyabonga Ngezana, kwiBafana. USithole uvinjwe ukulimala kwathi uNgezana wahlangabezana nenkinga ngokusuka eRomania (lapho edlala khona).”
UBroos uthembise ukusebenzisa lo mqhudelwano ukubonela eduze abadlali angakwazanga ukubabophela kwi-Afcon.
Uxwayisile nokho ngobungozi bokubukela phansi i-Andorra ngoba bengayazeli lutho ebholeni.
“Ayinamlando otheni ebholeni lomhlaba i-Andorra kodwa uma sizoyiyela ngobuso sizophoxeka ngoba izozifaka emlandweni ngathi,” kusho uBroos kwabezindaba.
“Iyiqembu lesizwe elidlala njengeNamibia lapho kukhona abadlali abaseqophelweni eliphezulu kusho khona ukuthi badabuka (ezweni) elingazelwa lutho kangako ngonobhutshuzwayo,” kuphetha uBroos.