NAKUBA isitobha seBafana Bafana, uSiyanda “Magazi” Xulu, sikhombise izimpawu zokuba nethemba lokubuya ngamandla ekulimaleni okuphoqe ukuba sihlinzwe kodwa kunzima ukuziba isimo esingesihle lo mdlali waKwaMashu, angase azithole ebhekene naso.
Kudingeke ukuthi uXulu (31) aphuthunyiswe esibhedlela kulandela ukulimala kwakhe ehlombe esiwombeni sokuqala emdlalweni obuseMbombela Stadium, ngempelasonto edlule, osekungumlando ukuthi iBafana ibambane kuwona ne-Angola ngo-1-1.
NgoLwesibili ntambama, ekhasini lakhe le-Instagram, uXulu obeseMediclinic eseNelspruit, uphanyeke isithombe sakhe emise isithupha ekhombisa ukuthi usehlinziwe futhi konke kuhambe kahle.
Lesi sithombe beziphelezelwa ezinye ezithathwe ngemuva kokulimala kwakhe nesinye esekhishwa ngohlaka enkundleni.
“Konke kuhambe ngendlela ekuhlinweni kwami. Ngizobuya sengiqine kakhulu kunakuqala,” ubebhale kanje.
Yize uXulu ejabule ngokuhamba kahle kokuhlinzwa kwakhe kodwa akulula ukuziba umthelela wokuhlala kwakhe engadlali eqenjini lakhe lase-Azerbaijan, iTuran-Tovuz IK.
UXulu oke wahlala izinyanga kade ehlukanise neqembu abelidlalela e-Israel, iHapoel Tal Aviv, ufike e-Azerbaijan ngo-Agasti, nonyaka.
Usalidlalele amahlandla angu-11 kuphela iqembu lakhe elisha njengoba sekuzofanele ahlale engadlali. Bekungabangcono ukuba iligi yase-Azerbaijan ivalile njengamanye njengoba kuqhubeka iNdebe yoMhlaba eQatar kodwa yona iyaqhubeka.
Ukungadlali kukaXulu esalulama kungenzeka kugcine kumkhiphe ngaphandle nasezinhlelweni zomqeqeshi weqembu lesizwe, iBafana Bafana, uHugo Broos.
Ngonyaka ozayo, elakuleli linemidlalo emqoka njengoba lizobhekana neLiberia, ngoMashi, kweyokuhlungela i-Africa Cup of Nations ese-Ivory Coast, ngo-2024.
IBafana kumele iyinqobe le midlalo ukuze izibeke ethubeni ngemuva kokuvula eyokuhlunga ngebatha ihlulwa iMorocco.
UXulu ubuyiswe kwiBafana ngaphambi kwemidlalo yayo neSierra Leone neBotswana ngoba kulimele uThibang Phete.
Ngaleso sikhathi, uBroos wathi ubuyisa uXulu ukuzobambisa ngaye ngoba uyazi kwenzekani ekhempini yeBafana.
Ngesikhathi uBroos ebuzwa ukuthi ubemshiyeleni esamemezela isikwati okokuqala, waveza ukuthi yingoba ubesehlale isikhathi eside engenalo iqembu alidlalelayo.
Kuthe uma eselithola (iqembu) kwaba elasezweni elingenawo umlando kangako ebholeni lomhlaba futhi nakhona ubesazama ukuzijwayeza nempilo yakhe entsha.