UKWENZEKA kwezigameko ebezingalindelwe kuyakhomba ukuthi impela le yiFifa World Cup ka-2022 ngeyezimanga, edlalelwa eQatar lapho izosongwa khona ngeSonto.
Ngenxa yezigigaba ezenzeka eQatar kusuka ngoNovemba 20 uqala lo mqhudelwano okungowokuqala ukudlalelwa eMpumalanga Emaphakathi (Middle East), akekho noyedwa njengamanje umuntu ongaphumela obala ame, asho kugcwale umlomo ukuthi yiliphi izwe elizomuka nesicoco seNdebe yoMhlaba.
Lokhu kuqale kwahlaluka ngokuthi kudlulwe esigabeni samaqoqo wonke amazwe abeyizimfivilithi eseke athola uswazi, luthelwa ngamazwe amanye awo abenganikwe thuba.
Eqinisweni yiNetherlands ne-England kuphela emazweni abalwa nezimfivilithi aphume esigabeni samaqoqo engakaze ehlulwe.
Nayo iNetherlands isiyindaba endala emuva kokukhishwa yi-Argentina sekukhahlelwa amaphetha ngoLwesihlanu ebusuku, ibuya sekuvalwe amehlo. Ukubuya seliyoshona kweNetherlands, kuholele ekutheni amaqembu abebambane ngo 2-2, kodwa kwadlula elaseSouth America, ngo 4-3 sekukhahlelwa amaphenathi.
Akusiyo iNetherlands kuphela ekhishiwe ngoLwesihlanu kodwa izimanga zaseQatar zehlele neBrazil, ebishayisa ngovalo ngenxa yokugaba ngenqwaba yabadlali ababalwa namafolosi aphambili emhlabeni.
IBrazil ikhishwe yiCroatia emuva kokubambana nayo ngo 1-1 emdlalweni obuwandulela oweNetherlands ne-Argentina.
Kube yiBrazil eshaye igoli kuqala kwazise liphanyekwe ezintanjeni yisilomo esinguNeymar ngesiwombe sokuqala, sesikhathi esengeziwe ngokubona kukanompempe.
Bese kuntwela ezansi kwiBrazil, ebithungatha isicoco sayo sesithupha emlandweni weNdebe yoMhlaba kodwa kwaqhamuka uBruno Petkovic washayela iCroatia elokulinganisa.
Bekungokwesihlanu iBrazil ishaya amaphenathi kweyomhlaba futhi bekungokwesibili yehlulwa ngawo.
Ngokwesibili kulandelana ukuthi iSelacao iphume kuma-quarterfinal eWorld Cup, kwazise nango-2018 ixoshwe yiBelgium, kwakudlalwa eRussia.
Iphuma nje, iBrazil ibiveze uhlangothi olujabulise abaningi abebeyithwele ngeqoma ngeledlule, inquma ngembudlu ka 4-1 iKorea Republic.
NangoLwesihlanu bekubukeka kuyihambela kahle emuva kokuthi uNeymar eshaye igoli lakhe lika-77 leqembu lesizwe, okuyirekhodi elilingana nelenkakha, uPele, ongaphathekile kulezi zinsuku.
Indlela okuhambe kahle ngayo kwiBrazil yehlula iKorea, abadlali bakhona baze baveza ukuthi sebedlalela uPele, ongeniswe esibhedlela ngeledlule.
UNeymar angalingana noPele ngamagoli, kodwa ishwa wukuthi akakaze ayinqobe iWorld Cup ekubeni ikhehla layiqukula kathathu.
Umbuzo uthi ngabe ngubani oyogcina emuke nesicoco sezimanga eQatar?