ISASASA lomdlalo wamanqamu weMTN 8 ka-2023 phakathi kweMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates liholele ekudayisweni ubuthaphuthaphu kwamathikithi alo mdlalo aphela nya ngamahora angu-18 kuphela eqalile ukudayiswa.
Lo mdlalo wamanqamu obhekwe ngabomvu ngabalandeli nabathandi bebhola eNingizimu Afrika, uzodlalelwa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ozayo ka-Okthoba 7. Uzoqala ngo-6 kusihlwa.
La mathikithi abedayiswa ubuthaphuthaphu okwamagwinya ashisayo, aqale ukudayiswa ngoLwesine ngo-3 ntambama, kodwa okuthe kushaya u-9 ekuseni ngoLwesihlanu, itshe labe selome inhlama ezikhungweni ebezihlinzekwe ukuwadayisa, ngokusho kwabePremier Soccer League (PSL).
“Amasango azovulwa ngo-2 ntambama ngosuku lomdlalo, kanti abanikazi bamathikathi bayanxuswa ukuthi bafike kusenesikhathi ukuze bakwazi ukungena kahle, ukugwema isinyokotho.
I-PSL izosebenzisana namaphoyisa ombutho weSouth African Police Services (SAPS) ukuqinisa ezokuphepha. Kanti futhi njengengxenye yokuqinisekisa zona ezokuphepha nokugwema isinyokotho kule nkundla yaseMabhida, kawekho amathikithi azodayiswa ngosuku lomdlalo, futhi ogalakajana abazotholakala bedayisa amathikithi omgunyathi bazolala bebaliwe endlini emnyama,“ kusho isitatimemende sePSL.
Lesi sitatimende sePSL siqhuba sithi, labo abasafuna ukuthenga amathikithi abadla izambane likapondo, bangathinta iMoses Mabhida kwi-email ethi: [email protected]
IMoses Mabhida emumatha abantu abangu-55, 500 seyiphenduke ikhaya lomdlalo wamanqamu weMTN 8 njengoba sekuyiminyaka emine ilandelana - okungu-2020, 2021, 2022 no-2023 isingatha owamanqamu alo mqhudelwano.
Isasasa kubukeka lidalwa nawukuthi lo mdlalo wamanqamu phakathi kweSundowns nePirates uthathwa njengowamagqubu, kwazise iSundowns esakhombisa ukukhonya nakule sizini, akukapholi maseko iguqise eZimnyama ngo 1-0 emdlalweni weLigi ngoLwesithathu olwedlule. Ngakho-ke kubhekwe ngabomvu ukuthi ngabe eZimnyama zizokwazi yini ukubuyisa izinduku ngalo mdallo wamanqamu, ziphinde zivikele lesi sicoco seMTN 8 ezasizuza nyakenye ziguqisa AmaZulu FC ngo 1-0 kowamanqamu kuyo le nkundla yaseMabhida.