ISITOBHA seMamelodi Sundowns Ladies, uBambanani Mbane, sithi sebegxile ekunqobeni iSimba Queens yaseTanzania emdlalweni owandulela owamanqamu weCaf Women Champions League, ngemuva kokuqhwakela eqoqweni labo.
AmaSandawana aqede esicongweni kuGroup B ngamaphuzu ayisishiyagalolunye njengoba eyinqobe yomithathu imidlalo, iSimba yalala isibili kuGroup B ngamaphuzu ayisithupha, isinqobe emibili yahlulwa kowodwa.
La maqembu azobe elwela ukungena kowamanqamu uma esedudulana enkundleni iStade Moulay Hassan, esedolobheni laseRabat, eMorocco, namuhla ngo-6 ntambama.
IDowns Ladies ephekwa uJerry Tshabalala iguqise iBayelsa Queens yaseNigeria ngo 2-1 emdlalweni wokuqala wamaqoqo, yabhuqa iWadi Degla yase-Egypt ngo 5-0 ngaphambi kokubhaxabula iTP Mazembe yaseDemocratic Republic of Congo ngo 4-0 ngeSonto ebusuku.
"Ngiyajabula ukuthi sithole amaphuzu aphelele emdlalweni wethu wokugcina wamaqoqo ngoba besifuna ukuwunqoba ngayo yonke indlela. Ngithanda ukubonga umqeqeshi ngokusinika ithuba nokuseseka. Bekungewona umdlalo olula kodwa besizimisele,” kusho uMbane, oqokwe njengomdlali ovelele bedlala neMazembe.
“Umqeqeshi usitshele ukuthi kubalulekile ukuwunqoba lo mdlalo yize besingenayo ingcindezi. Ngigculisekile ngendlela iqembu elidlale ngayo.
“Ngeke kube lula ukubhekana neSimba kowandulela owamanqamu ngoba nabo badlale kahle ukuze bafinyelele kulesi sigaba. Sinalo iqhinga esizolisebenzisa kodwa okumqoka wukuthi siqhubeke nokudlala kahle.”
Njengoba amaSandawana ezama ukuvikela indebe ayinqobe e-Egypt nyakenye, iSimba iyaqala ukudlala kulo mqhudelwano. Ngonyaka odlule isifunda iCecafa, besimelwe yiVihinga Queens yaseKenya.
UTshabalala, uthe: "Into engiyithandayo nengiyihloniphayo ngeSimba wukuthi bayiqembu elithanda ukudlala ibhola. Banabadlali abanamandla phakathi nenkundla futhi bayakwazi ukuhlasela.
"Kuzoba wumdlalo onzima kunayo yonke esesiyidlalile kulo mqhudelwano kodwa sesiwulungele. Nathi siwubheke ngabomvu futhi sinazo izinhlelo zethu. Ngiyethemba ukuthi kuzohamba ngendlela esifuna ngayo."
Komunye owandulela owamanqamu ozodlalelwa enkundleni efanayo ngo-9 ebusuku, iBayelsa Queens izodudulana neqembu lasekhaya, i-AS FAR, eqede iqhwakele kuGroup A.