Mamelodi Sundowns (2) 3
TS Galaxy (0) 0
IMAMELODI Sundowns izibeke ethubeni lokuthi kufike impelasonto seyisivikelile ngokusemthethweni isicoco seDStv Premiership.
Lokhu ikwenze ngokuthi ishaye iTS Galaxy ngo-3-0, ngoMsombuluko, eLoftus Versfeld Stadium. Leli qembu lasePitoli, lijaha isicoco sesikhombisa seligi kulandelana.
Amagoli amabili esiwombeni sokuqala ashaywe nguPeter Shalulile, obese kunesikhathi eside engayiboniswa inethi.
Lo mgadli waseNamibia, ushaye amagoli ngesiwombe sokuqala ephakelwa nguThemba "Mshishi" Zwane.
Elokugcina leSundowns libekwe enetheni nguThembinkosi Lorch, obesuka ebhentshi, ngomzuzu ka-64.
Ukunqoba kwamaBrazilian kuqinisekise indawo yawo esicongweni se-log ngamaphuzu awu-59, emidlalweni ewu-23.
NgoLwesine azobhekana neKaizer Chiefs, eFNB Stadium.
Okuhlabahlobisa ngomdlalo wukuthi iSundowns ingase iqede ngesicoco seligi uma ikwazi ukuphumelela kwiChiefs, okungayibeka emaphuzwini awu-62.
Yize iStellenbosch esendaweni yesibili futhi ingayinqoba yomihlanu imidlalo esele kepha ingasonga ngamaphuzu awu-61.
Esiwombeni sokuqala iSundowns ikhonye siqala saze sayophela. Ezinhlangothini phambili, benze umsebenzi omuhle abadlali abanjengoMatias Esquive, beqhamuka namabhola abeyingozi, belekelelana nomthakathi wezindaba uZwane, obedlulisela ibhola kuShalulile ngobuchule.
Kwesokunxele bekubhoke uTashreeq Matthews. Maphakathi nesisu, ohlangothini lwesokudla, udlale kahle uZuko Mdunyelwa ongajwayele ukuboshelwa.
Kulesi siwombe akukho okutheneni okwenziwe abadlali beGalaxy, ecijwa uSead Ramovic. USamir Nurkovic nozokwabo, bahluleke bancama. Unozinti weSundowns, uRonwen Williams bekungathi useholidini. Kwesesibili kube into efanayo.
ISundowns ikhonye kwaze kwaba sekugcineni. Akumangalisanga ukubona uLorch eshaya igoli. Nakhona Williams ubeziphumulele. Kulo mdlalo kulimale uBongani Zungu obesanda kulululama. Kuthe angakhishwa ngohlaka kwangena umgadli weGalaxy, uBernard Parker, owalinyazwa nguyena uZungu ezinyangeni eziyisithupha ezedlule. IThe Rockets ithole iphenathi umdlalo usuyophela, eshaywe nguParker kodwa wayivimba uWilliams.