OYINKAKHA yeMamelodi Sundowns, uBennet Mnguni, ukholwa wukuthi leli qembu lizokwazi ukuphendula amatafula emdlalweni womlenze wesibili wowamanqamu e-African Football League (AFL), neWydad Casablanca yaseMorocco.
Lo mdlalo obhekwe ngabomvu nozocacisa ngompetha abasha be-AFL, uzodlalwa ngeSenpto ngo-3 ntambama eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.
ISundowns iya emdlalweni inenxeba ngemva kokuguqiswa ngo 2-1 yiCasablanca kowomlenze wokuqala ngeSonto eledlule, eCasablanca, eMorocco.
Lo mphumela womlenze wokuqala usho ukuthi iSundowns kuzofanele iwunqobe kumnyama kubomvu umdlalo wasekhaya.
"Eminyakeni edlule, ngisho kusadlala thina, iqembu elalinika iSundowns inkinga kwakuyi-Al Ahly yase-Egypt. Manje iSundowns seyagcina ilitholile iqhinga lokwehlula i-Al Ahly neZamalek yakhona e-Egypt. O-Al Ahly noWaydad Casablanca yiwona maqembu athathwa njengezikhondlakhondla ebholeni lase-Afrika, ngakho nayo iCasablanca sesifikile isikhathi sokuthi igotshwe. Ngokubona kwami iSundowns isethubeni elihle lokuwunqoba umdlalo womlenze wesibili, uma nje ingalungisa amaphutha ewenzile emdlalweni womlenze wokuqala. Empeleni yawathola amathuba amaningi okushaya amagoli emdlalweni womlenze wokuqala," kusho uMnguni.
Le nkakha yayigijima eqenjini leSundowns elaguqiswa yi-Al Ahly kowamanqamu eCaf Champions League ngo-2001.
UMnguni ubona ukubuya kwabagadli beSundowns, uPeter Shalulile noLucas Ribeiro Costa abangadlalanga emlenzeni wokuqala, kungase kube yikhubalo.
"Ukudlala ekhaya kweSundowns nakho kukodwa nje kungase kubanike abadlali umfutho ophindiwe. Okwesibili, ukushaya kwayo igoli ekuhambeni kuyayisebenzela njengoba ibheke kulo mdlalo. Nokubuya kwabanye abadlali bayo abebengekho emdlalweni womlenze wokuqala, abanjengoShalulile noRibeiro Costa, kuzokwenza umehluko.
“Yize iCasablanca iyiqembu engilihloniphayo futhi elinabadlali abaseqophelweni eliphezulu, kodwa kulokhu ngibona ingeke ibuye ePitoli kowomlenze wesibili."
UShalulile noCosta bebelimele yingakho bengadlalanga kowama-quarterfinal nePetro de Luanda, nakowandulela owamanqamu ne-Al Ahly.
Kodwa umqeqeshi wamaSandawane, uRhulani Mokwena, ekuqaleni kwaleli sonto uveze ukuthi abadlali sebeluleme sebeziqeqesha neqembu, wathi empeleni kwale kancane bahambe neqembu ngeledlule baye eMorocco.