ISouth Korea ijoyine omkhaya bayo iJapan emzuliswaneni weLast 16 we-2022 Fifa World Cup ngokushaya iPortugal ngo 2-1 emdlalweni wokugcina weGroup H obudlalelwa e-Education City Stadium, e-Al Rayyan, ngoLwesihlanu ntambama.
ISouth Korea ibiye kulo mdlalo wokugcina wesigaba samaqoqo inganikwe lutho njengoba bekuyiyo ebiyivale emsileni kwiGroup H, ekubeni iPortugal ngaphambi komdlalo ibivunwa yizinto kwazise bekuyiyona ebiqhwakele phezulu.
IPortugal yiyona ebone inethi kuqala kulo mdlalo ngonyawo lukaRicards Horta ngomzuzu wesihlanu, kwathi eleSouth Korea lokulinganisa lavalelwa phakathi wuKim Young-gwon ngoka-27 ngesiwombe sokuqala.
Ngenkathi sekubukeka umthwalo ususobhokweni endizeni ebheke ekhaya kwiSouth Korea, umgadli waleli qembu uHwang Hee-chan ufike njengesela ebusuku evalela phakathi igoli lokunqoba ngomzuzu wesikhathi esengezwe ngunompempe.
Ukunqoba kweSouth Korea kusho ukuphenduka kwamatafula ngemizuzu yokugcina njengoba kugcine sekuba yi-Uruguay ebamba indiza ebheke ekhaya phezu kokuba ibibhaxabule iGhana ngo 2-0 komunye umdlalo weGroup H obuqhubeka e-Al Janoub Stadium, e-Al Wakrah.
ISouth Korea igcine iqeda endaweni yesibili kwiGroup H ngamaphuzu angu-4 ngemuva kwePortugal eqede iphezulu ngamaphuzu angu-6.
Yize iSouth Korea ibibambene ngamaphuzu amane ne-Uruguay, kodwa yiyona edlulele phambili ngenxa yomehluko wamagoli.
Ukwedlulela esigabeni seLast 16 kweSouth Korea neJapan edle umhlanganiso kwiGroup E, kusho ukuthi izwekazi lase-Asia limelwe ngamazwe amabili esigabeni seLast 16, nokubhekwe ngabomvu ukuthi elinye lawo lizokwazi yini ukwedlulela esigabeni sama-quarterfinal.
Empeleni iWarriors, okuyisiteketiso seSouth Korea, uma kwenzeka igcina ngokwedlulela esigabeni sama-quarterfinal kuzobe kungasaqali njengoba yake yenza ezibukwayo kwiNdebe yoMhlaba yango-2002 eyayisingathwe yileli zwe nomkhaya bayo iJapan.