KUBUKEKA sengathi umqeqeshi we-Orlando Pirates akakasitholi isixazululo ngesomiso samagoli esiholele ekutheni iqembu lakhe liwashe ijezi kwiCarling Black Label Knockout lapho likhishwe kuma-quarter-final yiRichards Bay FC sekukhahlelwa amaphenathi.
Lo mdlalo obuseMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo uphele zibambene ngo 0-0 ngaphambi kokuthi iNatal Rich Boyz iwabeke enethini womahlanu amaphenathi ayo, amaBhakabhaka ageja eyodwa.
Emidlalweni engu-10 edlule, iqembu likaRiveiro eliyidlalile kuyona yonke imiqhudelwano, lishaye amagoli amabili kowodwa, lashaya igoli elilodwa kwemithathu, lahluleka ukubhakuzisa inethi kweyisithupha.
Lo mqeqeshi odabuka eSpain uthe kuyamxaka lokhu kwazise iqembu lakhe lakha inqwaba yamathupha.
“Kunzima ukuchaza. Ngicabanga ukuthi uma ungathatha engikushilo esithangamini nabezindaba sakamuva kuzofana nengizokusho ngalo mdlalo. Angikasibheki isibalo esiqondile samathuba esiwagejile kodwa ngicabanga ukuthi maningi,” kusho uRiveiro.
“Kunzima ukuchaza ukuthi kufanele ngabe sishaya inqwaba yamagoli kodwa asiyinqobi imidlalo. Kudingeka siqhubeke nokuzama, sithole izixazululo ukuze sizuze okuthile kula amathuba esiwakhayo.
“Ukube bekuneligi yamaqembu acishe ashaye amagoli ngabe sihamba phambili, akekho osondele kithina kule sizini. Kodwa kwiligi yamaqembu ashaya amagoli asikho phambili. Senze kahle ekuqaleni kwesizini ngo-Agasti, lapho wonke amashodi abephelela enethini kodwa manje akusahambi kanjalo.
“Kunzima ukuchaza ukuthi imidlalo siyiqeda kanjani singenamagoli noma sinelilodwa. Angikholelwa enhlanhleni, angiyena umuntu othanda ukunonga udaba ngokuthi asinayo inhlanhla.
"Asinalo ishwa. Sithola okusifanele ngoba lona wumdlalo ogxile ekutheni ibhola alingene enethini. Yilapho sishoda khona futhi kusezandleni zethu ukuthi siqhubeke nokusebenza ukuze siguqule isimo maduze.”
UZakhele Lepasa uyena ohamba phambili ngasekuhlohleni amagoli kweZimnyama. Lo mgadli washaya amagoli ayishumi kusukela ku-Agasti kuya kuSephthemba kodwa kulezi zinsuku akasaliboni ukuthi lingakuphi ipali.
Aseza kancane amagoli kwabanye abagadli abanjengo-Evidence Makgopa noKermit Erasmus, kanti asamile nakuMonnapule Saleng, oshaye amagoli angu-15 emiqhudelwaneni ehlukene eqhamuka ngakwesokudla ngesizini edlule.