“KUBUHLUNGU, kuzwakala njengephupho elibi. Akukholakali ukuthi kuyenzeka,” amazwi kaNeymar Jnr. waseBrazil ocashunwe kanje emuva kokukhishwa yiCroatia kumaquarterfinal Qatar ngoLwesihlanu ebusuku.
Akuphelanga sikhathi singakanani emuva kwalokh, umqeqeshi weBrazil, uTite kwaqinisekiswa ukuthi nebala uyahlukana neBrazil vele inkontileka yakhe ebiphela emuva kwalo mqhudelwano.
Ngalokhu, lo mqeqeshi ujoyina uhla olucebe kakhulu lwabaqeqeshi ababne abafike ngayo emuva kokulahlwa phansi kulo mqhudelwano okungwkuqala ukudlalelwa eMiddle East.
“Njengoba ngasho, elami ithuba seliphelile. Lokhu ngikusho esikhathi esingangonyaka nesigamua esedlule. Ngiyakugcina engisuke ngikuphimisile,” kusho uTite kwiskysport.com.
“Akufanele kube nemihayizo ngalokhu njengoba ngikushe esikhathi eside ngale ndlela. Baningi kakhulu abantu beqphelo abangathatha indawo yami.
UNeymar ukhala nje kufanele. Eminyakeni engu-30 yobudala, useyalingana nensephe enguPele ngamagoli emuva kwaleli alishaye ngLwesihlanu bebambana ngo 1-1 neCroatia elinganise ngelikaBruno Petkovic.
Yize esewabasele lawo magoli angu-77 nobesekuhlule abaningi iminyaka, kodwa eminyakeni engu-30, uPele ubesenezicoco ezintathu zeWorld Cup.