URHULANI Mokwena weMamelodi Sundowns ubhoboke ngesililo esidla lubi kodwa buthule kubaqeqeshi bamaqembu adlala kwiPremier Soccer League (PSL) ngesimo “esiphoxayo” sezinkundla okudlalelwa kuzona.
Indaba yalesi sililo esiqhubeka buthule kubaqeqeshi, uMokwena uyisho esithangamini nabezindaba kulandela ukunqoba kweSundowns kwiMoroka Swallows ngo 1-0 kowe-quarter final yeMTN8 ngoMgqibelo, eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.
UMokwena uveza lokhu nje, ezinsukwini ezimbalwa ezedlule umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uveze ukungenami ngesimo seDanie Craven Stadium, eKapa, abashaywe kuyona yiStellenbosch FC ngo 1-0 koweDStv Premiership.
URiveiro ukhale ngokuthi bekungelula ukudlala kule nkundla.
Esithangamini nabezindaba, uMokwena uthe kuhle ngoba yena ukuveza lokhu enqobile, okungafani noRiveiro okukhona ababone engathi ukhala ngoba nakhu ehluliwe.
“Indlela yokudlala yeSundowns incike ekutheni sichithe isikhathi esiningi ebhokisini lezitha kodwa iqiniso ukuthi sigcina singasakwazi ukukwenza lokhu ngoba insimu ayikho esimeni esifanele njengoba kwenzekile koweSwallows,” kusho uMokwena.
“Ngiyajabula ukuthi ngikusho lokhu nginqobile ngoba ngibonile ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uJose uchazwe njengowehluleke ukwamukela induku ekubeni ebekhuluma iqiniso,” kuqhuba yena.
UMokwena uze wafakazisa ngenkulumo abenayo nabaqeqeshi bamaqembu abebesemcimbini wokwethulwa kwenkomishi entsha yeMTN8 ngeledlule ngokuba phansi kwezinga lezinsimu okudlalelwa kuzona eyeligi.
“Uma ubuka imidlalo yethu neyase-Europe umehluko usobala ngokwezinsimu okudlalelwa kuzona ngoba ezabo azigqebhuki ngesiwombe sokuqala.
“Kusukela kuqale isizini kunamathuba asobala asehlule abadlali abafana noPeter (Shalulile) obaziwayo ubungozi bakhe. Kungenxa yezinkundla esidlalela kuzona. Asikho isidingo sokuzixaka ngokukhulisa okwenzeka enkundleni singakakhulisi izinkundla.
“Zimbalwa eMzansi izinsimu ezisesimeni esilindelekile ngakho-ke kumele sizinuke amakhwapha siyisizwe. Sihlangene emcimbini wokwethulwa kweMTN8, cishe bonke abaqeqeshi abebekhona engikhulume nabo besikhala isililo esifanayo.
“Siyabuzana ukuthi sizokwenza kanjani lokhu okufunekayo isimo sezinsimu sinje? Uma sikhala kuthiwa sicasha ngesithupha kodwa iqiniso wukuthi izinsimu azikho esimeni esamukelekile,” kuphetha uMokwena.
Imizamo yayizolo yokuthola uRonnie Schloss, oyiChiefs Operations Officer (COO), yePSL okunguyena ophasisa kumbe afeyilise izinkundla - ukuze abuzwe ngalesi sililo sabaqeqeshi - ayizange iphumelele kwazise ucingo lwakhe beluvaliwe.
Nayo le nkundla iSundowns enqobe kuyona isematheni kwazise i-PSL itshele iSuperSport United ngesizini edlule ukuthi kufanele ithole ikhaya elisha ngoba ayikho esimeni esifanele.
Ngokusho kukaSchloss emsakazweni kwiMarawa Sports Worldwide muva nje, iSundowns ishaye iphakethe yayilungisa yona le nkundla yingakho ithole igunya lokuyisebenzisa kusukela kuqale lesizini.