ABADLALI be-Orlando Pirates baxwayiswe umqeqeshi wabo, uJose Riveiro, ngobungozi bokubhayiziswa ukubhubhudla iLamontville Golden Arrows ngo 7-1.
URiveiro uthe kumele lo mphumela bawusebenzise njengomjovo wokuphushela ukuqeda isizini endaweni ezobanika igunya lokudlala emiqhudelwaneni yeCaf.
IPirates iwavuse ama ngezinyawo amathuba ayo okuqeda endaweni ezoyifaka kweyeCaf kulandela ukulobola kwayo i-Arrows ngembudlu emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo ebusuku e-Orlando Stadium, eSoweto.
EzikaRiveiro zifike kulo mdlalo zimelwe ukwenza kangcono kulandela ukulahla kwazo amaphuzu zibambana neMoroka Swallows, nokushaywa yiSekhukhune United emidlalweni edlule.
Nakuba iPirates ishaye amagoli ayisikhombisa kulo mdlalo, amathathu kaTshegofatso Mabasa, Kabelo Dlamini, Relebogile Mofokeng, Sandile Mthethwa nelikaKarim Kimvuidi), uRiveiro ubone kungcono axwayise abadlali bakhe ngengozi engalethwa ilo mphumela.
“Sibe nenhlanhla yokuthola amagoli ngokushesha okwenze sakhululeka ukwenza konke ebesifisa ukukwenza hhayi ngoba i-Arrows ibilula,” kusho uRiveiro esithangamini nabezindaba.
“Iqiniso ukuthi sithole amaphuzu amathathu ngalo 7-1 kodwa kumqoka ukusebenzisa indlela esidlale ngayo njengesibuko emidlalweni yeligi esisalele.
“Sidlale kahle kodwa uma sikhuluma iqiniso akukho okusha ngalokho. Okuhluke kowe-Arrows ukuthi sibe nenhlanhla yokuthola amagoli ngesikhathi esikahle.
“Okumqoka ukungabhayiziswa ilo mphumela bese sibukela phansi imidlalo ezayo kepha kufanele sisebenzise wona njengomjovo wokuqinisekisa ukuthi isizini iphela sisendaweni esiphupha ngokuqeda sikuyona,” kusho lo mqeqeshi sakuxwayisa abadlali bakhe.
Usuyophela umdlalo iPirates ishintshe onozinti okwenze wabuzwa uRiveiro ngokukhipha kwakhe, uSipho Chaine, afake, uSiyabonga Mpontshana, obese kunesikhathi engabonakali enkundleni.
“Akukho okubi ngoChaine ngaphandle kobuhlungu abekhala ngabo emlenzeni. Ubesengaqhubeka nomdlalo kodwa isimo ebesikusona (sihamba phambili ngembudlu yamagoli), sibone kungcono ukuthi singamvumeli ngoba lokhu bekungenza azilimaze kakhulu,” kuqhuba yena.
URiveiro uyincomile i-Arrows ngokungahlali emuva okuyikhona akuchaze njengentuba yabo yokuthola amagoli.
“Ngaphandle kwenhlanhla yethu, lo mdlalo ubungelula ngoba i-Arrows ibizele ukuzodlala futhi yawakha namathuba ayingzozi umdlalo usanda kuqala.
“Emuva kokungenelwa amagoli amathathu esiwombeni sokuqala bese kuyiphoqa ukuthi izame okuthile obekuyishiya iklayekile emuva nokho.
“Kuhle siwujabulele lo mphumela kodwa siwuqonde kuqala ukuthi uhambisana nenhlanhla nokuthi i-Arrows ayizange ihlale emuva njengoba kuhlale kwenza amanye amaqembu,” kuphetha uRiveiro.
Kolandelayo iPirates izovakashela AmaZulu FC kwi-quarter final yeNedbank Cup ngempelasonto eThekwini.