NAKUBA i-Afrika izomelwa ngamazwe amahlanu asezingeni eliphezulu kwiNdebe yoMhlaba ezoqala ngeSonto, eQatar, iSenegal ibonakala ithwelwe ngeqoma ngabahlaziyi nabathandi bebhola uma kukhulunywa ngeqembu lakuleli lizwekazi elizokwenza kahle kulo mqhudelwano.
ILions of Teranga izongena ithwele uphaphe lokuba ngompetha base-Afrika ngemuva kokuguqisa i-Egypt, sekukhahlelwa amaphenathi kowamanqamu we-Africa Cup of Nations eYaounde, eCameroon, ngoFebhuwari nonyaka.
Yaphinde yadlula koFaro ngawo amaphenathi eDakar, ngoMashi, ukuze izibekisele indawo eQatar. La maqembu ayebambene ngo-1-1 ngemuva kokudlala imilenze emibili.
Ngaphandle kokufaneleka kwayo njengompetha base-Afrika, iSenegal ineqembu eliqinile umqeqeshi u-Aliou Cisse aselipheke iminyaka eyisikhombisa.
*Isikwati seSenegal
Onozinti: Edouard Mendy (Chelsea), Alfred Gomis (Rennes), Seny Dieng (Queens Park Rangers).
Izitobha: Kalidou Koulibaly (Chelsea), Abdou Diallo (RB Leipzig), Pape Abou Cisse (Olympiacos), Formose Mendy (Amiens), Ismail Jakobs (Monaco), Fode Ballo Toure (AC Milan), Youssouf Sabaly (Real Betis).
Abasesiswini: Pape Gueye (Olympique Marseille), Nampalys Mendy (Leicester City), Mamadou Loum (Reading), Cheikhou Kouyate (Nottingham Forest), Pape Matar Sarr (Tottenham Hotspur), Idrissa Gueye (Everton) Pathe Ciss (Rayo Vallecano), Moustapha Igama (Pafos FC), Iliman Ndiaye (Sheffield United).
Abagadli: Sadio Mane (Bayern Munich), Ismaila Sarr (Watford), Nicolas Jackson (Villarreal), Krepin Diatta (Monaco), Boulaye Dia (Salernitana), Bamba Dieng (Olympique Marseille), Famara Diedhiou (Alanyaspor).
*Umdlali ogqamile: Akungabazeki ukuthi uSadio Mane nguyena mdlali okulindeleke ukuthi athwale iqembu lakhe kule Ndebe yoMhlaba njengoba enzile ngeyedlule eRussia, waphinde wagqama linqoba i-Afcon nasemidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba.
Kuke kwaba muncu ngesikhathi elimala ngesonto eledlule edlalela iqembu lakhe iBayern Munich kodwa ithemba lokuthi uzobonakala enkundleni libuyile ngesikhathi efakwa eqenjini.
Ungumshayimagoli ohamba phambili ezweni lakhe njengoba esehlohle amagoli angu-34 kulona. Ngaphandle kwalokho, ungumdlali owenza izinto zenzeke uma kunzima futhi angakhombisi uvalo.
Abanye abadlali okulindelwe ukuthi bamlekelele ngunozinti u-Edouard Mendy, isitobha uKalidou Koulibaly, oyibamba esiswini u-Idrissa Gueye nomgadli u-Ismaila Sarr.
*Umlando kwiNdebe yoMhlaba: ISenegal izobe idlala okwesithathu kulo mqhudelwano. Yagila izimanga ngo-2002 ngesikhathi ifinyelela kuma-quarterfinal.
Kwaba yishwa ukuthi ingadluleli esigabeni somkhumulajezi ngo-2018, njengoba yayibambene ngamaphuzu amane neJapan, futhi womabili amaqembu eshaye amagoli alinganayo, angenelwa alinganayo.
IJapan yadlulela phambili ngenxa yokuthola isibalo esingaphansi samakhadi aphuzi emidlalweni yamaqoqo.
*Amanye amaqembu akuGroup A: ILions of Teranga iqhathwe nosokhaya iQatar, iNetherlands ne-Ecuador.
I-Qatar izobe iqala ngqa ukubonakala kwiNdebe yoMhlaba. Iqeqeshwa nguFelix Sanchez waseSpain. Eminyakeni embalwa edlule, ikwazile ukuthuthukisa ibhola layo yaze yaba yingxenye yamaqembu angu-50 aklelilswe phezulu emhlabeni.
Abadlali bayo abayingozi u-Almoez Ali no-Akram Afif, abajwayele ukuhlangana kahle phambili bashaye amagoli.
INetherlands iyona okubhekwe ukuthi ikhonye kuleli qoqo ngenxa yamava nokuba nenqwaba yabadlali abasezingeni eliphuzulu njengoVirgil van Dijk, Memphis Depay noFrenkie benoLuuk de Jong.
INetherlands isabheke ukunqoba iNdebe yoMhlaba okokuqala njengoba isihlulwe kowamanqamu amahlandla amathathu, ngo-1974, 1978, nango-2010.
I-Ecuador izobe idlala okwesine kulo mqhudelwano. Yadlala okokuqala ngo-2002 kodwa yenza kangcono eGermany ngo-2006 lapho yafinyelela khona kwiLast 16. EBrazil ngo-2014, yaphuma esigabeni samaqoqo.
Abadlali bayo abanohlonze u-Enner Valencia ogijima kwiFenerbahce yaseTurkey, uMoises Caicedo weBrighton and Hove Albion, Piero Hincapie weBayer Leverkusen.
*Zitholele ishadi elikhethekile leNdebe yoMhlaba kwiSolezwe langoLwesihlanu elizoba nayo yonke imininingwane yemidlalo yaseQatar.